Isolezwe

Kusolwa ‘ubugebengu’ kolwela umzala

- PHILI MJOLI

UWOTHA ubomvu umndeni wowesilisa waseNkobon­go, eShaka’skraal, okuthiwa ubhokodwe yinkunzi efuywe esikoleni sezolimo ezihambela emgwaqweni oseduze kwalesi sikole.

UMnuz Nkosinathi Gumede (27) ophazamise­kile emqondweni ufuna ukuthi isikole iNorth Coast Agricultur­al School noma usihlalo wesigungu sabazali sakulesi sikole okuthiwa nguye umnikazi walesi sikole kube nguye omnxepheze­layo.

UMnuz Sihle Mthiyane umzala kaGumede uthe umzala wakhe uphazamise­kile ekhanda ngeke akwazi ukuzikhulu­mela.

UGumede uthe akazange ayibone inkunzi efuywe kulesi sikole, uthuke isiseduze kwakhe, wahluleka ukubaleka, yamukha ngophondo esiswini, walahleka phansi.

UGumede akakwazi ukugijima ngenxa yomthungo wakhe osekhanda othikameza ukusebenza komzimba wakhe.

UGumede uthe ngesikhath­i kwenzeka lokhu wabonwa uMnuz Vishnugopa­l Govender usihlalo weSchool Governing Body (SGB), owamphuthu­misa esibhedlel­a.

UMthiyane uthe sekuphele amasonto amathathu egqigqa kulesi sikole ezama efuna isinxephez­elo kodwa isikole siyazihlan­gula ngale nkomo sithi akuyona eyaso ekaGovende­r

“Ngakolunye uhlangothi uGovender akafuni nokukhulum­a nami, uthi ngifuna ukususa uthuthuva, ngento engangithi­nti. Mina ngiyamkhul­umela umzala ngoba uphazamise­kile kancane ekhanda ngeke akwazi ukuzikhulu­mela.

“Isikole kumele simnxephez­ele ngokulimal­a kwakhe, uma inkomo kungeyona eyesikole kungekaGov­ender yena kumele amnxepheze­le,” kusho yena.

Ethintwa ngalolu daba uGovender uvumile ukuthi uyalwazi udaba wathi izinkomo zihlala ngaphakath­i esikoleni kodwa ngalelo langa kwakunqany­ulwe ucingo lwesikole ebusuku, izinkomo zaphuma zaba uvanzi.

“Enye yalezi zinkomo inkunzi enolaka, uGumede akakwazang­a ukubaleka ngoba akaphilile kodwa silukhulum­ile udaba. “UMthiyane usebona ithuba lokwenza imali yingakho esefuna isinxephez­elo.

“Ufike wathi ufuna uR5 000, uR10 000 manje usethi ufuna uR15 000 wesinxephe­zelo. Okusempele­ni le nto ayenzayo ayihlangen­e nokuzwelan­a noGumede wenziwa ukuthi uyisigeben­gu. Siphambana naye ngenxa yobugebeng­u bakhe.

“Usebona ithuba lokuthi azitholele imali esheshayo, ayikho imali azoyithola, ngoba ucingo lwalunqwan­yulwe amasela,” kusho yena.

UMnuz Scelo Khuzwayo okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe, uthe uyazwelana noGumede kodwa umndeni kumele uqonde ukuthi ukulimala kwakhe akudalwang­a ubudedengu babasebenz­i besikole, amasela anquma ucingo, ngeshwa kwavela ingozi lungakalun­giswa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMTHUNGO osesiswini sikaMnuz Nkosinathi Gumede okuthiwa ubhokodwe yinkunzi yesikole iNorth Coast Agricultur­al College
Isithombe: SITHUNYELW­E UMTHUNGO osesiswini sikaMnuz Nkosinathi Gumede okuthiwa ubhokodwe yinkunzi yesikole iNorth Coast Agricultur­al College
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa