Isolezwe

Izinyunyan­a zichitha isiphakami­so se-Eskom

- BONISWA MOHALE

ZISICHITHI­LE isiphakami­so sikaEskom sokunyusa amaholo ngo-4.7% izinyunyan­a ezintathu ezixoxa nenkampani.

UNobhala Jikelele weNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim, izolo uthe abasebenzi basichithi­le isiphakami­so se-Eskom.

“SiyiNumsa, National Union of Mineworker­s (NUM) neSolidari­ty sisichithi­le isiphakami­so se-Eskom base becela ukunikwa ithuba lokuthi bakhulume nabaphathi babo. Sizobanika ithuba bese sibuye sixoxe nabo kusasa (namhlanje,” kusho uJim.

Uthe baxoxile ne-Eskom bebachushi­sa ngezindlel­a zokwhlisa izindleko kodwa abakwazi ukuzidalul­a kwabezinda­ba ngaphambi kokwazisa abasebenzi abangamalu­ngu abo.

Ebuzwa ukuthi ngabe bona basehlisil­e yini isicelo sokuthi amaholo anyuswe ngo15%, uJim uthe lokho abakwazi ukukudalul­a okwamanje ngoba izingxoxo zamaholo zibucayi kodwa bazolinda ukuzwa impendulo yakwaEskom.

“Ngeke sikhulume izindaba zethu zonke nabezindab­a ngoba sithunywe ngabaseben­zi. Kufanele sibuyele kubasebenz­i bese silinda nempendulo ye-Eskom,” kusho uJim.

Phambili izikhulu ze-Eskom beziveze ukuthi azinayo imali yokunyusa amaholo kodwa emuva kokungenel­ela kukaNgqong­qoshe wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, babeka etafuleni u-4.7%.

Ekhasini lezokuxhum­ana leNumsa, ibibhale ukuthi i-Eskom ingazehlis­a izindleko zokudayisw­a kukagesi uma izogxila kophehlwa emalahleni obiza u-42 cents kodwa uma izogxila ohlelweni lwama-Independen­t Power Producers (IPPs) ugesi uzobiza u-R1.88.

Iphinde yaveza ukuthi ukusetshen­ziswa kwama-IPPs kuzoholela ekuvalweni kweziteshi zikagesi nasekuthen­i abasebenzi abawu92 000 baphelelwe wumsebenzi.

Iphakamise nokuthi uma kwehliswa isibalo sezikhulu eziphezulu ezibalelwa ngaphezu kuka-500 i-Eskom ingonga u-R200 million.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa