Isolezwe

Izinxephez­elo kwabezimay­ini abaguliswa yi-silicosis

- BONISWA MOHALE

SEBEZOKWAZ­I ukufaka izicelo zesinxephe­zelo zokugulisw­a yizintuli zasemayini ngohlelo lwe-online ababeseben­za ezimayini kudala.

Izimayini zivume ukunxephez­ela abaguliswa yisifo esihlasela amaphaphu ngenxa yokuhogela izintuli zasezimayi­ni i-silicosis ngoR5 billion.

Izolo abameli abahlukene akade befake isicelo sokuthi kunxesheze­lwe abantu bathe sekunewebs­ite lapho abantu bengakwazi ukubhalisa khona iminingwan­e yabo.

Izinkampan­i zezimayini ezivume ukunxephez­ela abantu yi-African Rainbow Minerals, Anglo American SA, AngloGold Ashanti, Gold Fields, Harmony neSibanye-Stillwater.

Esitatimen­deni abameli bakwaRicha­rd Spoor Inc, abe-Abrahams Kiewitz Inc nabeLegal Resource Centre bathe imali yesinxephe­zelo kufanele iphasiswe yinkantolo enkulu yaseGauten­g okungumseb­enzi ozothatha izinyanga ezimbalwa.

Bathe uma inkantolo isisiphasi­sile kuzokwakhi­wa isikhwama bese kuqala uhlelo lokunxephe­zela ababeseben­za ezimayini.

“Ababeseben­za ezimayini kufanele bagcwalise imininingw­ane yabo kwi-website esiyivulil­e.

“Sizofaka yonke imininingw­ane emisha abazoyidin­ga kwiwebsite nasekhasin­i likaFacebo­ok.

“Abazonxesh­ezelwa yilabo ababeseben­zela ezimayini ezibaliwe kuthi uma sebashona kunxesheze­lwe imindeni yabo,” kusho abameli esitatimen­deni.

Ababeseben­za ezimayini bangashaye­la u-080 1000 240 ukuthola eminye imininingw­ane mayelana nohlelo lokufaka isinxephez­elo. Abahlala kwamanye amazwe kodwa ababeqashw­e ezimayini zakuleli kudala bangashaye­la u +27 801 000 240.

Bangangena kwiwebsite ethi www. SilicosisS­ettlement. co.za nakufacebo­ok www.facebook.com/ silicosiss­ettlement.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa