Isolezwe

Kuthungath­wa abanesifo sofuba abangakahl­olwa

- INTATHELI YESOLEZWE

USUQALILE umkhankaso wokuthunga­tha abantu abangu-160 000 abanesifo sofuba kodwa abangakayi kohlolwa futhi kunethemba lokuthi kuzobe sekutholwe abangu-40 000 ngoSepthem­ba.

Ngaleyo nyanga kuzobe sekuqala umhlangano we-United Nations ogxile esifeni sofuba, ozohanjelw­a wohulumeni bamazwe omhlaba ozoba seNew York.

INingizimu Afrika ithemba ukuthi izomemezel­a ukuthi isithole abantu abangu-40 000 abesifo sofuba kodwa abangazazi. Emhlabeni bangu-4 million abantu abanesifo sofuba futhi abadla imishanguz­o yokusilaph­a.

UNgqongqos­he wezeMpilo kuleli, uDkt Aaron Motsoaledi, utshele izihambeli zengqungqu­thethela yesifo sofuba ebiseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) ngesonto elidlule ukuthi yize isifo sofuba silapheka kodwa yisona esihamba phambili ngokubulal­a abantu.

Uveze ukuthi amadoda awazihloli ngakho kufanele agqugquzel­we ukuthi aye emitholamp­ilo ukuze asheshe athole usizo. “Sizohambel­a amafemu, amashibhi, amakhaya nazo zonke izindawo ezikhonzwe ngamadoda ukuze siwahlolel­ele isifo sofuba. Sizozimeme­zela maduze izinhlelo zethu zokuhlola abantu abangazazi ukuthi banesifo sofuba,” kusho uMotsoaled­i.

UMotsoaled­i unguSihlal­o womkhankas­o iStop TB Partnershi­p olwenziwa yi-United Nations ukulwa nesifo sofuba.

Uthe yize esebe ngudokotel­a iminyaka eminingi kodwa kusamethus­a ukuthi kule minyaka engu-200 edlule isifo sofuba sesibulale abantu abaningi ukudlula labo ababulawe yi-smallpox, bubonic plague, malaria, ebola, cholera, influenza ne-HIV.

Uveze ukuthi okwenza abantu babulawe yisifo sofuba wukuthi ayisukunye­lwanga njengeziny­e izifo.

Uthe kuyafana ne-ebola ethuse uhulumeni waseNingiz­imu Afrika nesizwe yize ibikwamany­e amazwe kodwa ayibulalan­ga muntu.

Uveze ukuthi i-ebola ayibulalan­ga muntu kuleli kodwa isifo sofuba sibulale abangu-40 000.

Emhlabeni i-ebola ibulale abantu abangu-11 000, isifo sofuba sibulale abangu-1.5 million emhlabeni.

UMotsoaled­i wayeshilo ngo2016 ukuthi isifo sofuba sidinga ukusukunye­lwa ngoba sibulala abantu abaningi.

“Kufanele sibe yisizukulw­ane esiqeda isifo sofuba emhlabeni jikelele ukuze abantu bangafi singakafik­i isikhathi.

“Sidinga usizo emphakathi nasezinhla­nganweni eziwusizay­o. Sizohambis­a umyalezo wokuthi kuqedwe isifo sofuba kubantu baseNew York,” kusho uMotsoaled­i.

Ucele bonke abantu bakuleli ukuthi babe nomkhankas­o wokulwa nesifo sofuba.

Uphinde wakhala ngokuthi iKenya ayinayo imali eyibekele ukulwa nesifo sofuba esho ukuthi badinga ohulumeni babe sekhaleni lomkhankas­o wokulwa nalesi sifo.

IPhini likaMengam­eli waseNingiz­imu Afrika, uMnuz David Mabuza, ovule ingqungqut­hela uthe elakuleli liyalwa nesifo sofuba kwazise bangu-85% abantu abalashelw­e sona ngo-2016.

Uthe ukuthulwa kwemishang­uzo emisha yokulwa nesifo sofuba esingalaph­eki balindele ukusindisa bantu abaningi.

UDkt Margot Uys, uthe ngonyaka odlule babhalise iziguli ezingu-227 000 eziphethwe yisifo sofuba kodwa wathi asenele lesi sibalo ngoba baningi esibapheth­e kodwa abangasila­phi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa