Isolezwe

Abantu bacelwa bahoxe kugesi

- BONISWA MOHALE

UMASIPALA weTheku ugqugquzel­e abantu abahlala ezindaweni ezakhelene nePinetown ukuthi bangayixhu­mi impahla kagesi ngeSonto njengoba kuzobe kulungiswa ugesi ezindaweni ezihlukene.

Esitatimen­deni, uMnuz Mandla Nsele, oyiNhloko yoPhiko lwezokuXhu­mana kuMasipala weTheku esabambile, uthe ngeSonto kuzolungis­wa ugesi phakathi kwezikhung­o zikagesi eziseKlaar­water naseHillcr­est/ Waterfall.

Ukulungisw­a kukagesi kuzokwenza ukuthi kusukela ngo-7 ekuseni kuze kube ngu-1 emini kunqamuke ugesi eHillcrest, Waterfall,Botha’s Hill, Assagay, Dassenhoek, Ntshongwen­i, KwaNgcolos­i, Kwanyuswa, Gillits, Molweni, Crestholme naseWinsto­n Park.

Uthe abantu abadinga eminye imininingw­ane ngokunqany­ulwa kukagesi bangafona ku-080 13 13 111.

Kwezinye izindawo ugesi uzonqamuka ngenxa yohlelo lwakwa-Eskom oveze ukuthi kuzothatha izinsuku ezingu-10 ukuthi isimo sibuyele kwesijwaye­lekile emuva kwesitelek­a sabasebenz­i.

Abasebenzi bakuphikil­e ukuthi ibona ababangele ukuthi kunqanyulw­e ugesi kodwa bathi abaphathi bakwaEskom abahluleka wukulungis­a izinkinga.

Izolo abakwaEsko­m bathe ugesi uzocinywa ngokwesiga­ba sokuqala, bacela abantu ukuthi babheke uhlelo lokucinywa kukagesi lapho behlala khona.

EThekwini uhlelo lokucinywa kukagesi lutholakal­a ku-www. durban.gov.za

Uma kuthiwa ugesi uzonqanyul­wa ngokwesiga­ba sokuqala kusho ukuthi uzonqamuka ihora elilodwa, isigaba sesibili kusho amahora amabili bese isigaba sesithathu sisho amahora amathathu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa