Isolezwe

Lude ukhalo oseluhanji­we ngamakheli abavoti: IEC

- MARY JANE MPHAHLELE

IKHOMISHIN­I yezokhetho i-Independen­t Electoral Commission (IEC) ithi lide ibanga eselihanji­we odabeni lokuqinise­kisa amakheli abavoti abangu-1.3 million njengoba ifuna ukuhlangab­ezana nomnqamula­juqu weNkantolo yoMthethos­isekelo, ngaphambi kokhetho lwangonyak­a ozayo.

Le khomishini ibivele phambi kwekomiti elibhekele inhlalo ePhalamend­e iyobika ngokulunge­la ukhetho lwangonyak­a ozayo.

Isikhulu se-IEC uMnuz Granville Abrahams sithe bakwazile ukuqoqa amakheli angu-2 million kwangu-8 million.

“Lude ukhalo esiluhambi­le. Siye kobheka emabhukwin­i ethu ukuze siqiniseki­se ukuthi wonke amakheli akhona. Ngokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016 siqoqe amakheli angaphezul­u kuka-2 million.”

NgoJuni 2016 iNkantolo yezoMtheth­osisekelo yayalela i-IEC ukuthi iqinisekis­e ukuthi bonke abasohlwin­i lokuvota banawo amakheli.

Inkantolo yanika le nhlangano izinyanga ezingu-18 ukuthi iphothule lowo msebenzi.

U-Abrahams uthe bacela ukuthi balulelwe isikhathi sokuqoqa amakheli, wathi banethemba lokuthi bazokwenza lokhu ngaphambi kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa amemezele usuku lokhetho.

“Sinabavoti abangu-8.4 million abanamakhe­li agcwele, abangu-8.6 million abanawo agcwele, kuthi abangu-7.8 million ayicaci eyabo. NgoMeyi 8, 2018 besinabang­u-2.2 million abangenawo nhlobo amakheli.

Inkantolo yanquma ukuthi kumele sithole amakheli abavoti ababhalise kusuka ngoDisemba 2003.

Sithole ukuthi bangu-900 000 abavoti ababhalisa ngaphambi kuka-2003,” kusho u-Abrahams.

Uthe bazofaka isiphakami­so sokuthi kube nomthetho othinta indaba yokuthi amaqembu ezepolitik­i abhalise nge-internet, kususwe eminye imigoqo ethinta ukubhalisw­a kwabavoti abanezinse­lelo kwezempilo.”

Ikhomishin­i ithe izophinde ibhalise abafuna ukuvota ngoFebhuwa­ri 2019, okuyobe sekuyithub­a lokugcina.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa