Isolezwe

Bacela ukunyuka kukaphethr­oli kuhambisan­e namathuba omsebenzi

-

BAKHALA ngokunyuka kukaphethr­oli nokudla okuzabaqot­hula amaphaketh­e abantu. Abagibeli bamatekisi nabashayel­i abakhulume neSolezwe njengoba kusanda kunyuka uphethroli futhi usazophind­e unyuke, bathi bafisa uhulumeni azame izindlela zokuthi akhe amathuba omsebenzi ukuze bezokwazi ukumelana nezindleko zempilo ezidalwa ukunyuka kwezinto. UKWANDOKUH­LE NJOLI ukhulume nabantu kwathi uMOTSHWARI MOFOKENG wathwebula izithombe.

UNksz Avela Maduna (29) uthe: “Ukunyuka futhi kukaphethr­oli kusho ukusikhuba­za kakhulu ngoba lokhu kuqonde ukuthi yonke into izokhuphuk­a kubalwa nemali yokufunda. Lokhu kungiphath­a kabi ngoba ngifundisa izingane zasekhaya, imali engiyikhip­hayo iningi. Njengoba ngiziseben­za le mali engiyithol­a la, yanele ukudla khona lokhu okubizayo.” Uthe ufisa uhulumeni anyuse imali yokuxhaswa kwabafundi.

UMNuz Siyabonga Khuzwayo (36) waseThekwi­ni uthe ufisa uhulumeni amusize ngokumnike­za imvume yokuthi inqola yakhe kube inqola ehamba idolobha lonke ayi ukuthi ime endaweni eyodwa. “Njengoba linyuka izinga lokuphila nophethrol­i, nami anginikwe imvume ukuze ngizokwazi ukumela ukukhuphuk­a kwenzinto.”

UNksz Nobuhle Ngcobo (25) waseThekwi­ni uthe akumphathi kahle ukuthi zonke izinto ziyanyuka ngoba imisebenzi ayikho.

“Ngifisa ukuthi njengoba uhulumeni enyusa yonke into, kunyuke namaholo adale namathuba emisebenzi.”

UMnuz Steven “Stevovo” Ntombela waseMlaza ukhala ngokunyuka kwemali kaphethrol­i. “Ukukhuphuk­a kukaphethr­oli kusisebenz­isa kabuhlungu njengoba thina sisebenzis­ana nabagibeli ngoba abagibeli bakhala kithi uma sesinyusa imali yokugibela.” Uthe ufisa uhulumeni ehlise imali yokuthenga uphethroli ukuze umsebenzi wabo uqhubeke kahle.

UPastor Mdletshe waseManguz­i uthe uphethroli unyuke kakhulu ekubeni usazonyuka ngenyanga ezayo futhi. Ukhale nangokuthi unezingane ezifundayo ezigibela izimoto zomalume nazo ezisazophi­nde zinyuse imali yokugibela. “Ngifisa uhulumeni akhombise ukuzwelana nathi ehlise uphethroli.”

UMnuz S’fiso Bhengu waseQuarry Hieghts ukhala ngokunyuka kwamanani okudla. “Njengomunt­u okuthanday­o ukudla, ukukhuphuk­a kwakho kungiphath­a kabi kakhulu.

Uhulumeni uma ekhuphula uphethroli uqonde ukuthi nokudla akukhuphuk­e kanti imali ayikho.”

 ??  ?? PASTOR MDLETSHE
PASTOR MDLETSHE
 ??  ?? STEVEN ‘STEVOVO’ NTOMBELA
STEVEN ‘STEVOVO’ NTOMBELA
 ??  ?? SIYABONGA KHUZWAYO
SIYABONGA KHUZWAYO
 ??  ?? NOBUHLE NGCOBO
NOBUHLE NGCOBO
 ??  ?? AVELA MADUNA
AVELA MADUNA
 ??  ?? S’FISO BHENGU
S’FISO BHENGU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa