Isolezwe

Umdwebo kaMkhize uneNhlakan­ipho

- MCEBO MPUNGOSE

UNESIFISO sokuthi umsebenzi wakhe ubonakale nasemazwen­i aphesheya umdwebi waseThekwi­ni ozakhela igama kwezobucik­o ngokudweba osaziwayo.

UNhlakanip­ho Mkhize (28), okhulele oLundi, KwaZuluNat­al, ungomunye wabadwebi abasafufus­a abasethube­ni lokunqoba umncintisw­ano weBIC Art Master nonyaka.

UMkhize usevele uqalile ukuzakhela igama ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokudweba osaziwayo okubalwa kubo uBlack Coffee, Lerato Kganyago, Boity, Bonang Matheba, DJ Sbu, Cassper Nyovest nabanye. UMkhize uthe useqalile ukuvuna izithelo ezinhle ngomsebenz­i wakhe.

“Ngonyaka odlule kwenzeka isimanga empilweni yami uBlack Coffee ethenga isithombe sakhe engasidweb­a. Lokho kwangijabu­lisa kakhulu futhi ngazizwa nginentshi­sekelo yokuthi ngiqhubeke nokudweba ngale ndlela. Nalaba abanye engabadweb­a babonga ezinkundle­ni zokuxhuman­a bebona izithombe zabo esengizidw­ebile” kusho uMkhize.

UMkhize uthe uqale ukudweba eneminyaka eyisishiya­galolunye eqhudelana nabangani bakhe esikoleni. Uthando lokudweba lwahlala kuye kwaze kwaba uphothula iziqu ze-Architectu­ral Technology eDurban University of Technology. Njengamanj­e usebenzela inkampani ye-Architecur­e kodwa uthe inhliziyo yakhe igxile ekudwebeni.

“Isifiso sami wukuthi umsebenzi wami ubonakale futhi waziwe emazweni aphesheya ngemuva kokuduma eNingizimu Afrika. Ngifuna ukugqugquz­ela intsha ibone ukuthi ungaphumel­ela kwezobucik­o, nanoma yini ofuna ukuzithuth­ukisa ngayo, uyiguqule nempilo yakho. Sihlezi sizwa ngabadwebi bangaphand­le, ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi sokuthi intsha ibukele kubadwebi bakuleli,” kuqhuba yena.

UMkhize, okhuliswe wuninakhul­u ngemuva kokushona kukanina ngo-1996, uthe usethole ukwesekwa okukhulu ezihlotshe­ni zakhe kanti nokuba sedolobhen­i laseThekwi­ni kumvule amehlo kwezobucik­o.

Nonyaka ungenele umncintisw­ano weBIC Art Master aqokelwe kwiTop 20 kuwo. Ngesikhath­i sokushicil­ela uMkhize ubehlezi endaweni yesibili emncintisw­aneni okuvotwa kuwo kwi-website yakwaBIC. Ukuvota ungangena ku: http://bam. biccentral.com ubheke igama lakhe kwi-Art Gallery bese uyavota.

 ??  ?? UMDWEBO uNhlakanip­ho Mkhize angenele ngawo iBIC Art Master 2018
UMDWEBO uNhlakanip­ho Mkhize angenele ngawo iBIC Art Master 2018
 ??  ?? NHLAKANIPH­O MKHIZE
NHLAKANIPH­O MKHIZE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa