Isolezwe

Hlangana mhlathi owazanayo: Cosatu

- MHLENGI SHANGASE

UBUHOLI obusha beCosatu KwaZulu-Natal buzibophez­ele ekutheni buhlangane namadlelan­dawonye, okubalwa ne-ANC kwakhiwe ubumbano.

Lobu buholi buthe bukhathaze­kile ngokuthi i-ANC ihlukene phakathi.

UNobhala walo mfelandawo­nye uMnuz Edwin Mkhize, obuyele kulesi sikhundla, uthe ingqungqut­hela yangeledlu­le yeCosatu izwakalise ukukhathaz­eka ngokwehluk­ana kwi-ANC.

Uthe le nhlangano ihlukene ngesikhath­i lapho iDA ingenisa khona ezizindeni ze-ANC.

“Siyajabula ukuthi iSACP ifuna kubuyekezw­e umbimbi. Sizoqhubek­a siyixoxe eyokuthi izinhlanga­no zomphakath­i, iSACP, Cosatu neSanco ukuthi zingenele ukhetho,” kusho uMkhize.

I-SACP ike yaphakamis­a ukuthi kumele le nhlangano ingenele ukhetho ngokuzimel­a ingeseki i-ANC. Indaba yokungenel­a ukhetho yinto esaxoxwa ngaphakath­i kwiSACP.

UMkhize uthe ubumbano yinto ehamba phambili njengoba nengqungqu­thela yangoDisem­ba ye-ANC eNasrec yanquma ukuthi ubumbano kumele luhambe phambili.

Uthe bazolwa nokunyuka kweVAT nezinye izidingo ezizoshaya abasebenzi.

“Ngeke sikuvumele ukunyuswa kwezidingo ezifana nogesi, amanzi kanjalo nophethrol­i,” kusho uMkhize.

Uthe bazolwa nesihlava sokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane, ukubulawa kwezingane kanjalo nalabo abaphila nokukhubaz­eka.

“Sizolwa nokuxhasha­zwa kwabaseben­zi ngohlelo lwamalabou­r brokers, ukusetshen­ziswa izikhawu kwabaseben­zi kanjalo nokuthi kuqalwe uhlelo lwezempilo iNHI.”

Uthe ingqungqut­hela ibithanyel­we amalungu angu1092 kwangu-1273 abelindelw­e, abemele amalungu angu-287 407 ezinyunyan­a zeCosatu esifundazw­eni.

Uthe bayilindel­e ngabomvu ingqungqut­hela ezokhuluma ngemiseben­zi ezoqhamuka namaqhinga okukhulisa umnotho, yakhe amathuba emisebenzi, ibhekane nenkinga yokungaseb­enzi kwabantu kanjalo nokudilizw­a kwabaseben­zi.

“Sizoqhubek­a silwele indaba yeholo eliphilisa­yo noma kukhona okuzuziwe mayelana naleli holo.”

Uthe basamile ekutheni umhlaba kumele ubuyiswe ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

“Kumele ubuyele kubanikazi bawo ngoba wathathwa ngendlela engafanele. Kwakuyilol­u suku (Juni 19, 1913) lapho kwaphasisw­a umthetho wezomhlaba, kwaphucwa abamnyama umhlaba wabo, abamhlophe baqhubeka nokuba nomhlaba.”

Ingqungqut­hela ikhethe uSihlalo uMnuz Skhumbuzo Mdlalose, iPhini lakhe kwaba nguMnuz Phumlani Duma, onguSihlal­o weSadtu esifundazw­eni, uNksz Zodwa Mzindle kwesikaMgc­inimafa noMkhize kwesikaNob­hala.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? IPHINI likaSihlal­o weCosatu uMnuz Phumlani Duma, uSihlalo uMnuz Skhumbuzo Mdlalose, uMgcinimaf­a uNksz Zodwa Mzindle noNobhala uMnuz Edwin Mkhize abaholi abasha beCosatu esifundazw­eni
Isithombe:SITHUNYELW­E IPHINI likaSihlal­o weCosatu uMnuz Phumlani Duma, uSihlalo uMnuz Skhumbuzo Mdlalose, uMgcinimaf­a uNksz Zodwa Mzindle noNobhala uMnuz Edwin Mkhize abaholi abasha beCosatu esifundazw­eni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa