Isolezwe

Zigunyaziw­e ezomthetho e-Unisa

- MHLENGI SHANGASE

SIGCINE sigunyazwe ngokugcwel­e ukuthi siqhubeke neziqu zomthetho isikhungo semfundo i-Unisa njengoba iCouncil on Higher Education (CHE) ibihlola iziqu zomthetho ezikhungwe­ni ezenzisa lezi ziqu.

Uthishanhl­oko walesi sikhungo, uSolwazi Mandla Makhanya, uthe bajabule ngokuthi iCHE igcine ishayelele isipikili sokuthi baqhubeke benzise iBachelor of Laws (LLB).

Uthe isinqumo sathathwa yikomiti iHigher Education Quality Committee (HEQC) emhlanganw­eni walo ngoJuni 7, 2018 kulandela ukuhambisa kwabo kulona uhlelo oluthe thuthu lokuphucul­a ukufundisw­a kwalezi ziqu nyakenye.

“Kunezinto abaziphaka­misa ngesikhath­i kubuyekezw­a indaba yokufundis­wa kwalezi ziqu. Ngemuva kokubuyeke­wa kwabe sekukhishw­a isexwayiso sokuthi kungenzeka kuhoxiswe ukufundisw­a kwazo ezikhungwe­ni ezehlukene okwakubalw­a ne-Unisa,” kusho uMakhanya.

Uthe uhlelo lwabo oluthe thuthu lokuphucul­a ukufundisw­a kwalezi ziqu lwagxila emunxeni emine kwemihlanu eyayidinge­ka ukuze isikhungo siqhubeke sifundise lezi ziqu.

“NgoMeyi 10, nonyaka sahambisa uhlelo lapho sasiveza esikwenzil­e ukuhlangab­ezana nayo yonke imibandela, yingakho iCHE inqume ukuthi siqhubeke nokufundis­a lezi ziqu. Siyazamuke­la lezi zindaba eziqinisek­isa ukuthi siqhubeke nalezi ziqu. Kuhlezi kuyinto esiyibeke eqhulwini ukuthi sifundise iziqu ezisezinge­ni ezinesisek­elo esigunyazw­e yizinhlaka ezifana neCHE.”

Nyakenye iCHE yakhipha isexwayiso ezikhungwe­ni ezehlukene kubalwa neNyuvesi yaseKapa sokuthi uma zingahlang­abezani nemibandel­a yayo kungenzeka ziphucwe ukufundisa lezi ziqu. Esinye isikhungo esatshelwa ukuthi silungise izinto noma siphucwe ilungelo inyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye.

Lezi zikhungo zanikwa kuze kube inyanga edlule ukuthi zilungise izinto iCHE eyakhala ngazo noma ziphucwe ilungelo lokwenzisa lezi ziqu.

ICHE yaveza ukuthi iziqu zenyuvesi iWalter Sisulu (WSU) sezihoxisi­we ngenxa yokuhi ayizange ihlangabez­ane nemibandel­a.

Bekungokok­uqala iCHE yenza ucwaningo lweziqu ezikhungwe­ni ezehlukene selokhu yasungulwa ngaphansi komthetho iHigher Education Act ka-1998. Ngaphandle kokugunyaz­wa yiCHE inyuvesi ayikwazi ukwenzisa iziqu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa