Abokufika bafuna ukwazi ngamasiko
BAFUNA ukufundiswa izilimi namasiko akuleli abokufika baseSomalia, abathi lokhu kungenza ukuthi kube lula ukuhlala emphakathini.
Bakusho lokhu izolo njengoba bekugujwa iWorld Refugee Day, bezwakalisa izinselelo zabo kuMnuz Haniff Hoosen oyikhansela leDA eThekwini. Laba bokufika abanezitolo enkabeni yeTheku, bathe kuyabakhathaza ukuthi sebeneminyaka eminingi bekuleli kodwa abazi lutho ngamasiko nezilimi zakuleli. UMnuz Muhidin Badel okhulumela inhlangano yamaSomalia, ulinganise ngamanye amazwe asentshonalanga athe abokufika bayafundiswa amasiko nezilimi zakhona.
“Kuyihlazo ukuthi abanye bethu uma bekhulunyiswa abakuleli abezwa nhlobo ngenxa yokungaluqondi ulimi. Uma singenzelwa uhlelo lokufunda asinankinga, sizimisele ngoba vele sifuna imvume yokuba seNingizimu Afrika. Akhona amasiko esibonayo ukuthi ngeke siwaxwaye, yingakho sidinga ukufunda ngawo ukuze sihlale nomphakathi esiwuqondayo,” kusho uBadel.
Uthe inkinga ebhekene namazwe ase-Afrika ukuthi kunoqhekeko phakathi kwabokufika nezakhamuzi. Uthe lezi ngezinye zezinkinga ezidala ukucwaswana.
UBadel owafika kuleli ngo-2000, uthe kumnandi kuleli ngaphandle kwezigameko zokucwaswa ezibuye ziphele. “Sikhululekile singena ngisho emalokishini, sigibele amatekisi ngoba asizibandlululi. Inkinga ukuthi izigameko zokucwaswa ziyafika zibuye zidlule, isikhathi esiningi zidalwa wumona ngenxa yamabhizinisi ethu.”
UMnuz Ismail Adan ukhale ngokugqoza kohlelo lokunikezwa kwabo ubuzwe bakuleli. Uthe abanye babo baganwe ngabakuleli futhi banezingane kodwa basabizwa ngabokufika. “Siyayihlonipha imithetho yakuleli futhi asizile ngokuzodala izinkinga. Sifuna uhulumeni elule izimvume zokuba kuleli, asheshise nezinhlelo zokunikezwa ubuzwe. Abanye bethu baneminyaka engaphezu kwengu-10 kodwa asikazitholi izimvume. Kuba nzima nokuzigcwalisela amaphepha ngoba abanye abafundile.”
Uthe sebeqalile ukubhalisa izitolo zabo njengomyalelo kahulumeni wakuleli. Bakhale ngamaphara abathe ayabaqeda ngokweba ezitolo zabo.
UHoosen uthe izikhalo zabokufika bazozethula esiShayamthetho ukuze zixazululwe. Ugxeke uMnyango wezaseKhaya ngokungahambisi kahle ngemithetho ayishayayo ngabokufika.
“Ukukhipha amaphepha kukodwa kuyinkinga kulo mnyango. Abokufika abahlonishwa futhi abanikwa isithunzi njengabantu. Kuyihlazo ukuthi umnyango ungafuna ukuphindisela abantu emazweni abo ekubeni bebalekiswe yizimpi,” kusho yena.