Iqophamlando lika-OJ lizovula amehlo abaningi
UMA kukhulunywa ngebhola laseNingizimu Afrika njengamanje akufanele uma kukhulunywa ngoMbulelo “OJ” Mabizela ngabe sekukhulunywa ngenkathi edlule.
Lokhu kungenxa yethalente lesi sitobha elinaso futhi bambalwa abadlali bakuleli besizukulwane sakhe abaphiwe ukudlala ibhola njengaye. Kodwake ngenxa yezimo zempilo, uMabizela akusikho nokuthi kuqala manje ukuthi ingabe isaphathwa indaba yakhe ebholeni, yinto yeminyaka.
Kwathi sisababaza ikhono lakhe, kukhona nabebembiza ngo “Lucas Radebe” omusha ngoba kwakubhekwe lukhulu kuye kwiBafana Bafana nase-England kodwa kwavele kwaphela njengomlilo wamaphepha ngoba uMabizela wahlulwa izinkambi zikaFaro nezazenza angaziphathi kahle kwaphazamiseka ibhola lakhe.
Amaphutha nezifundo azifundile ngalezi zinqumo azenzile azoshicilelwa encwadini nakwiqophamlando ezophuma ngempilo yakhe.
Ngokushicilela le ncwadi naleli qophamlando, uMabizela uthe uzokwenaba ngakho konke okwakwenzeka empilweni yakhe.
Kuningi okwakubikwa emithonjeni yabezindaba futhi maningi namathuba awatholile ukulungisa izinto lo mdlali owake waba ngukaputeni weBafana Bafana njengoba emaningi namaqembu awadlalela ngisho esebuye phesheya ngoba kwakuzanywa ukuhlenga ithalente lakhe kodwa kwangalunga. Lihle-ke leli gxathu u-OJ alithathile ngoba uma ezogunyuluka baningi abadlali abasafufusa abazosizakala ngoba nakuba enze la maphutha akushintshi ukuthi kunabaningi ababukela kuye ngenxa yethalente lakhe.
Impilo kaMabizela ayizukuba nje yisifundo kubadlali kodwa nanoma ubani omunye ozithola engafinyeleli lapho kufanele afinyelele khona ngenxa yezinqumo ezingaphusile. Kodwa okunye okukhulu okufanele le ncwadi naleli qophamlando isize ngakho ukuthi kuqondwe ukuthi kwakwenzakalani kuMabizela ngesikhathi enza lezi zinqumo ngoba lokhu kuzosiza amakilabhu nezimenenja zabadlali ukuthi zibeseke ngendlela efanele. Kuyaye kushiwo kalula kuthiwe umuntu uhlulwe wudumo nemali kodwa akuvamile ukubhekwa ukuthi ukhona yini obemcathulisa ukuthi umelana kanjani nodumo nemali.
Siyathemba incwadi kaMabizela neqophamlando izoyiphendula le mibuzo.