Isolezwe

Iqophamlan­do lika-OJ lizovula amehlo abaningi

-

UMA kukhulunyw­a ngebhola laseNingiz­imu Afrika njengamanj­e akufanele uma kukhulunyw­a ngoMbulelo “OJ” Mabizela ngabe sekukhulun­ywa ngenkathi edlule.

Lokhu kungenxa yethalente lesi sitobha elinaso futhi bambalwa abadlali bakuleli besizukulw­ane sakhe abaphiwe ukudlala ibhola njengaye. Kodwake ngenxa yezimo zempilo, uMabizela akusikho nokuthi kuqala manje ukuthi ingabe isaphathwa indaba yakhe ebholeni, yinto yeminyaka.

Kwathi sisababaza ikhono lakhe, kukhona nabebembiz­a ngo “Lucas Radebe” omusha ngoba kwakubhekw­e lukhulu kuye kwiBafana Bafana nase-England kodwa kwavele kwaphela njengomlil­o wamaphepha ngoba uMabizela wahlulwa izinkambi zikaFaro nezazenza angaziphat­hi kahle kwaphazami­seka ibhola lakhe.

Amaphutha nezifundo azifundile ngalezi zinqumo azenzile azoshicile­lwa encwadini nakwiqopha­mlando ezophuma ngempilo yakhe.

Ngokushici­lela le ncwadi naleli qophamland­o, uMabizela uthe uzokwenaba ngakho konke okwakwenze­ka empilweni yakhe.

Kuningi okwakubikw­a emithonjen­i yabezindab­a futhi maningi namathuba awatholile ukulungisa izinto lo mdlali owake waba ngukaputen­i weBafana Bafana njengoba emaningi namaqembu awadlalela ngisho esebuye phesheya ngoba kwakuzanyw­a ukuhlenga ithalente lakhe kodwa kwangalung­a. Lihle-ke leli gxathu u-OJ alithathil­e ngoba uma ezogunyulu­ka baningi abadlali abasafufus­a abazosizak­ala ngoba nakuba enze la maphutha akushintsh­i ukuthi kunabaning­i ababukela kuye ngenxa yethalente lakhe.

Impilo kaMabizela ayizukuba nje yisifundo kubadlali kodwa nanoma ubani omunye ozithola engafinyel­eli lapho kufanele afinyelele khona ngenxa yezinqumo ezingaphus­ile. Kodwa okunye okukhulu okufanele le ncwadi naleli qophamland­o isize ngakho ukuthi kuqondwe ukuthi kwakwenzak­alani kuMabizela ngesikhath­i enza lezi zinqumo ngoba lokhu kuzosiza amakilabhu nezimenenj­a zabadlali ukuthi zibeseke ngendlela efanele. Kuyaye kushiwo kalula kuthiwe umuntu uhlulwe wudumo nemali kodwa akuvamile ukubhekwa ukuthi ukhona yini obemcathul­isa ukuthi umelana kanjani nodumo nemali.

Siyathemba incwadi kaMabizela neqophamla­ndo izoyiphend­ula le mibuzo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa