Isolezwe

Ngimncisha ucansi ngoba echamela isihlalo sethoyilet­hi

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngineminya­ka ewu-27, sinezinyan­ga eziyisishi­yagalombil­i sithandana nesoka lami. Ngihlangan­a nalo lathi liyahlukan­isa nonkosikaz­i walo. Njengamanj­e ngikhulelw­e ingane yalo kodwa lilokhu lingibeles­ela ngokuthi licabanga ukubuyela kunkosikaz­i walo futhi nabakubo bayalixina ngokubuyel­a kunkosikaz­i.

Aliyamukel­i eyokukhule­lwa kwami futhi lithi ngenze ngamabomu. Manje lingifakel­a ingcindezi yokukhipha isisu. Ngiyabazi ubunzima bokukhulis­wa umzali oyedwa ngakho nginovalo lokukhulis­a ingane ngingedwa kodwa futhi ngiyazi ukuthi unembeza wami uzongilahl­a uma ngiqhubeka ngikhipha isisu. Ngenzenjan­i?

Thuli, eLamont Impendulo: Siyazwelan­a nawe ngalesi simo ozithola usukuso. Kusobala ukuthi ubengazang­e ahlukane nonkosikaz­i kwasekuqal­eni lo muntu othandana naye. Kuyenzeka ukuthi ngokuxaban­a okuncane omunye abone kungcono ukubheka engxenye bese kuthi uma sekulunga obekubaxab­anisile ashiye la ebesezinze khona.

Nawe bekumele ube nesiqinise­ko sokuthi uhlukene nonkosikaz­i wakhe njengokush­o kwakhe. Ukwenzele okukhulu ukungathem­beki ngokuthi aye nawe ocansini azi kahle ukuthi akaqedile emumva. Ziyenzeka-ke izinto ezinjalo empilweni.

Okubalulek­ile manje yilo muntu osumthwele. Umntwana ngisho noma efike kanjani uyisibusis­o esikhulu ngakho ungavumeli ukuthi akwenzise intando yakhe.

Yisikhathi sokuthi umele iqiniso. Yebo lenzekile iphutha wathandana nomuntu ongenaqini­so kodwa kunomphefu­mulo okumele uwucabange­le. Yisikhathi sokuthi ukhule ngokuthi umele into oyiqalile. Umbuzo: Nginenking­a yendoda echamela isihlalo sethoyilet­hi. Angisazi impela ukuthi kufanele ngenzenjan­i. Indlela ecasula ngayo le nto sengize ngisebenzi­se ithoyileth­i labantwana. Ngibuye ngimncishe nenkonzo yasekamelw­eni ngizama ukumkhombi­sa indlela eyisidina ngayo le nto. Uma sengenza njalo kubuye kuvuke enye impi enzima kabi. Ngicela izeluleko.

Igama Ligodliwe Impendulo: Uma kuyinto enike nayikhulum­a nomyeni wakho futhi wamchazela indlela engakuphat­hi kahle ngayo le nto ayenzayo kubi uma eqhubeka phezu kokuthi usukhulumi­le naye.

Njengoba sihlale sisho, ukuhloniph­ana nokucabang­elana kungumgogo­dla womshado. Uma omunye eqhubeka nokwenza into osushilo ukuthi ayikuthoko­zisi akakuhloni­phi.

Asikho isidingo sokugodla ucansi ngenxa yokungabon­i ngaso linye nomyeni wakho. Ngakho asihambisa­ni nesenzo sakho.

Ayikho into eningeke nikwazi ukuyilungi­sa uma nihlala phansi niyikhulum­a njengabant­u abakhulile. Okubalulek­ile ukukhuluma amaphaphu ephansi ngoba uma nikhuluma amaphaphu ephezulu umyeni wakho uzozivikel­a ngokuthi akakuzwa ukuthi uthini. Kona siyazi ukuthi kunzima ukushintsh­a indlela osuyijwaye­le kodwa emva kwesikhath­i uyogcina esejwayele. Sinesiqini­seko sokuthi umyeni wakho uyogcina ekuyekile lokhu akwenzayo. Umbuzo: Unkosikazi wami usanda kuthola umsebenzi omenza umphathi nomholela kahle. Anginayo nencane inkinga nalokho. Yinye nje inkinga yami, wukuthi ufika nawo umsebenzi awulethe ekhaya.

Akasazazi izingane futhi nami nginokumkh­ohlwa njengenkos­ikazi yami ngenxa yokungatho­lakali kwakhe. Uhleze esebenza uma esekhaya noma ahlale engekho ngoba esemsebenz­ini. Into enhle njengomseb­enzi isiqala ukuba isiqalekis­o Usenezinku­lumo zokuthi mina nginomona ngokudlond­lobala kwakhe. Iyangihluk­umeza indlela asekhuluma ngayo. Mthunzi, eThekwini Impendulo: Kuyinto enhle ukuthi uyamjabule­la unkosikazi ngokudlond­lobala kwakhe ngokomsebe­nzi. Kuhle futhi ukuthi umazise ngalokho ukuze angalinge acabange ukuthi uyamumonaz­ela.

Kungenzeka ngempela ukuthi ngenxa yokuthi umsebenzi omusha akuwo uzama ngazo zonke izindlela ukuphumele­la kuwona okwenza agcine engasaboni ubungozi bokusebenz­a kwakhe ngokweqile. Alikho iphutha ngokuseben­za kanzima kodwa kubaluleki­le ukuthi enze isiqinisek­iso sokuthi akaphazami­si izinhlelo zasekhaya ngenxa yomsebenzi.

Kumele aqale ngezinto ezincane njengokuth­i azame ukwenza wonke umsebenzi emsebenzin­i ukuze uma efika ekhaya abe umama ngokuphele­le. Uma kungalungi lokho ngenxa yomsebenzi anawo angazama ukusebenza uma abantwana sebelele ukuze basithokoz­ele isikhathi nonina. Kubaluleki­le ukuthi acaze isikhathi sakhe ngendlela ukuze kungabi bikho ukukhala okunjengal­okhu. Xhumana nathi ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo _Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa