Isolezwe

UMchunu ucashise uZikalala

-

MHLELI: Ngiyabezwa nje abantu bethi izinkantol­o aziphume ziphele kwipolitik­i yaseNingiz­imu Afrika. Akusizona izinkantol­o eziya ezinhlanga­nweni, kepha yizona inhlangano eziziyela kuzo.

Konke lokhu okuholela ekutheni inkantolo zibambe iqhaza emaqenjini yingoba abaholi bezepoliti­ki abafuni ukuhloniph­a imithetho yamaqembu abo.

Okungenze ngaloba kuleli phepha lakho ukuthi iqembu elibusayo liholwa yizimpumpu­the esifundazw­eni iKwaZulu-Natal kodwa lithi izwi “Abangaboni bazobona uma kufundiwe” . Yebo, kunjalo futhi i-ANC izolutheza olunenkume uma behambisa izinhloso zabo zokufuna izikhundla.

Kuyiqiniso ukuthi uMnuz Sihle Zikalala unezinhlos­o ezimbi ngengqungq­uthela lena aseyihlali­se kabili ibhuntshe. Uzokhumbul­a ukuthi yahlala ngo-2016 baketula uSenzo Mchunu benoJacob Zuma, lapho uMsholozi wayesengum­engameli wezwe, kuleso sikhathi bafakwa enkantolo bahlulwa ngokuthi bahlalisa inkomfa ngokungekh­o emthethwen­i.

Sithuli nje siyabuka sisemazing­eni aphansi ukuthi uZikalala uhlose ukuba undunankul­u emuva kokhetho, okuyinto engeke yenzeke uma kusemapeke­twane kanje enhlanganw­eni yethu esizifela ngayo.

Siyazi ukuthi ukubekwa kukaMnuz Willies Mchunu kufana nokucashis­a isikhundla kukaZikala­la njengomunt­u ongasinaki­le kanti usifuna ngabomvu emva kokhetho.

Sengathi uzophola-ke mfo ka Khuzeni kuze kube ulungisa isimo sobumbano enhlanganw­eni. Thina sifuna ukulubona ngamehlo ubumbano ngokuthi wena sikubone udlubhe isikibha esinobuso bukaMengam­eli Ramaphosa esizomvote­la ngonyaka ozayo. Lokho kuzophapha­misa la magatsha asagqoka izikibha ezinobuso bukaZuma, okungekuhl­e kwi-ANC. Ngithokozi­le uma ibhuntsha ingqungqut­hela ye- ANC ebisoNgoye ebihlelwe ngokungemt­hetho. Lokhu kuzokwenza uZikalala nahola nabo balalele amagatsha enhlangano ngokuthi kwenziwe ubumbano. Sonke asisho ngazwi linye sithi Thuma Mina!

Lesi siqubulo sihle impela kubaholi be-ANC abalandela imiyalezo yabantu bakuleli ukuba baye lapho bethunywa khona, bengalingi­si uJona owathunywa eNiniva kodwa wabheka eNtalashis­hi. INiniva ngiyifanis­a nempilo engcono, iNtalashis­hi yizwe eliholwa ngenkohlak­alo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa