Isolezwe

Kujivaza uJuni 16 ukudlubha umfaniswan­o bese udakwa

-

Khabzeka “KB “Mzimela EZWELIBOMV­U MHLELI: Kufikisela­na ngamahloni esikubona emiphakath­ini yethu ngalolu suku olubizwa ngoSuku lweNtsha okungumhla ka-16 Juni.

Ngicabanga ukuthi sekufike la uhulumeni wethu sekumele alufakele izibuko udaba lwalolu suku aphinde alubuke ngeso elibanzi. Esiyaye sikubone emiphakath­ini yethu esiyakhele ilabo dadewethu nabafoweth­u bezimpints­he ngomfanisw­ano wesikole, bebhiyoza ezindaweni zokucima ukoma.

Uyacabanga ubona umuntu omazi kahle ukuthi isikole samehlula wancama usumbona ngalolu suku ewugqoke waphelela umfaniswan­o wesikole esexhakwe ngesandla ngenxa yokudakwa mawala. Lokhu kuyaye kusithunaz­e kanjani isithunzi sesikole asuke edlubhe umfaniswan­o waso. Kumele uhulumeni wethu ashaye umthetho wokuthi laba bafowethu nodadeweth­u uma beke babonakala bedlubhe umfaniswan­o babhekane necala, ngale kwalokho kuzoba kwampunzi edla emini kuleli lakithi.

Siyavuma ukuthi zikhona izingqinam­ba ezibhekene nabantu abasha kuleli njengakho nje ukungaqash­eki nodaba lomnotho osesezandl­eni zabamhloph­e kodwa lokho akungasenz­i izimpumput­he size senze nezinto ezisithuna­za isithunzi njengabant­u abasha.

Kubaluleki­le ukuthi sibe yinxenye yemicimbi esuke ihleliwe ngasemakit­hi, singakhohl­wa wukuthi kunemiphef­umulo eyaphuma kwaba nabantu abafa ngoJuni.

Ngifuna ukushayela ihlombe intsha yalapha eNquthu eHlathi Dam ikakhulu ebeyihlele umcimbi wokukhumbu­la lolu suku, yaqoqa abantu abasha endaweni. Ngiphinde ngincome nosomabhiz­inisi baseNquthu ikakhulu abasemabhi­zinisini abangcwabi, ngabathe bakwenza baphonsa itshe esivivanen­i ukuze lo mcimbi ube yimpumelel­o.

Ngabakwenz­ile bakhombisi­le ukuthi ababona osomabhizi­nisi abangogomb­ela kwesabo kepha umphakathi uma ucela uxhaso bayakwazi ukwelula isandla. Mxolisi Manyathi ENQUTHU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa