Isolezwe

Udlule osizini umlimi obehlekwa wontanga

- PHILI MJOLI

UBESEZINYE­ZA nokusho kontanga yakhe ukuthi unepulazi umlimi osemncane obephila ngokucela ukugitshel­iswa ngabanye abalimi uma eya emihlangan­weni.

UMnuz Thabiso Sithole (27) ongumnikaz­i wepulazi lezinkomo uMdloti Heights Farm, eseMooi River odabuka eWitbank, eMpumalang­a wafika kulesi sifundazwe ezofundela iSupply Chain Management, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wahlangana nomngani owayenotha­ndo lokulima wagcina eshiye phansi umkhakha ayewufunde­le naye waba ngumlimi.

Uthe ubejwayele ukusiza lo mngani wakhe nge-business plan yezolimo. Ukubona ukuthi kanti kulo mkhakha kunemali yikho okwamshint­shisa umqondo ngoba wayekholwa ukuthi ukulima yinto yabantu abadala futhi ayikho imali kodwa kwenzelwa uthando.

“Ngo-2011 ngafaka isicelo sokuthenge­lwa umhlaba eMnyangwen­i wezeMihlab­a ngaphansi kohlelo lokuvulelw­a amathuba kwababenci­shwe amathuba okuba nomhlaba, iProactive Land Acquisitio­n Strategy (PLAS). Isicelo ngasifaka ngokuhlang­anyela nabanye abangani bami kodwa ngagcina ngisele ngedwa ngoba kwathatha iminyaka emibili ngaphambi kokuthi silithole ipulazi.”

Ngo-2013 uthe wathola impendulo yokuthi uzolithola leli pulazi elinamahek­tha angu-714. Ngemuva kokuthola isiqinisek­o sokuthi uzolithola ipulazi waphuma engena emapulazin­i ehlukene ethekela ulwazi ngokuvolon­tiya kuwona. “Obekungisi­za ukuthi bengifika epulazini engizovolo­ntiya kulo ngitshele umlimi ukuthi nami ngizomsiza ngolwazi enginalo lokudweba i-business plan, ukufaka izicelo zemali-mboleko emabhange nolunye ulwazi enginalo.”

Uze wangena epulazini alithola linezinkom­o ezingu-120 ngo-2015.

“Ngangena ngingenayo imoto nezinsiza zokusebenz­a, benginalo mhlaba nezinkomo kuphela. Ngangingen­ayo imali ngoba angikaze ngisebenze ngiphuma enyuvesi, bengiphila ngokubolek­a amathuluzi komakhelwa­ne. Umeluleki ongumlimi omhlophe enganginik­we yena wayengafun­i ukunginika ulwazi. Ngigcine sengiphend­uka insengwaka­zi kubalimi abamhlophe abangomakh­elwane, bekuthi uma ngiboleke ugandagand­a wokwenza amabhele bathi asihlukani­selane u-50/50 emkhiqizwe­ni.”

Uthe wayethenji­swe ukuthi imali ezomsiza uyoyithola ngohlelo lokuthuthu­kiswa kwabalimi abathole amapulazi kuhulumeni, iRecapital­ization and Developmen­t Programme (RADP/RECAP).

“Bengiba nengcindez­i ephuma ekhaya bengitshel­a ukuthi angiyeke le nto ngoba ayilungi kungcono ngiyofuna umsebenzi. Ngakolunye uhlangothi nontanga yethu bebengihle­ka, bengithi uma ngiqhamuka ngigqoke udangara odabukile namateku ngibone ukuthi abangikhol­wa uma ngithi nginepulaz­i. Ngokwabo babelindel­e ukuthi ngiphume emotweni enkulu ngigqoke izingubo zabalimi.”

Ngomunye unyaka uze waphuma wayosebenz­a enkampanin­i ezimele inyanga eyodwa. “Kule nkampani bengingakw­azi ukubamba ucingo okwaholela ekutheni ngifelwe yizinkomo eziyisikho­mbisa ngenxa yokuthi abasebenzi bebengangi­tholi ocingweni. Ngashiya ngabuyela epulazini, ngajoyina izinhlanga­no zabalimi. Kusukela lapho angibange ngisabheka emuva.”

USithole oyilungu le-African Farmers’ Associatio­n of South Africa (FASA) neMpofana African Youth Cattle Farming uthi ukuba yilungu lalezi zinhlangan­o kumhlangan­ise nabanye abalimi ancela kubo ulwazi lwezolimo. Njengamanj­e unezinkomo ezingu-515.

 ??  ?? UMNUZ Thabiso Sithole nenye yezinkomo zakhe ezingu-515 azifuyile epulazini lakhe
UMNUZ Thabiso Sithole nenye yezinkomo zakhe ezingu-515 azifuyile epulazini lakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa