Isolezwe

UMasipala wasoPhongo­lo uzokhuthaz­a abenza kahle

- PHILI MJOLI

UMASIPALA wasoPhongo­lo uzochoma ngophaphe lwegwalagw­ala izakhamuzi zawo ezenze umsebenzi oncomekayo.

IMeya yalo masipala uNksz Bawinile Nhlabathi, ithe yize bengumasip­ala omncane kodwa babone ukuthi baningi abantu abakhele umasipala wabo abasebenza ngokuzikha­ndla, besiza umphakathi wasendawen­i kodwa bangancony­wa.

“Okubalulek­ile wukuthi uma wenza umsebenzi omuhle, unconywe ukuze ukhuthale. Ngokuncony­wa kwakho kukhuthazw­a nalabo abanyanyal­atayo ukuthi benze kangcono. Uma singaba nabantu abaningi abenza kahle umasipala wethu ungathuthu­ka. Yingakho sithe kulo nyaka kaMandela, asisungule izindondo zokubonga abasebenza kahle,” kusho imeya.

Lezi zindondo ezaziwa ngoPhongol­o Municipali­ty Business Excellence Awards, zizoba ngoJulayi 28, zethulwe ngokusemth­ethweni kule nyanga. Ukungenela kuvulwe ngayo le nyanga, kuzovalwa ngoJulayi 12.

Unxuse umphakathi ukuthi uqoke obona befanele ukuchonywa olwegwalag­wala emunxeni elandelayo: Umsebenzi owenza kahle umsebenzi wakhe, usomabhizi­nisi ohambisana nemigomo ebekwe ngumasipal­a, iphrojekth­i exhaswe ngumasipal­a esebenze kahle, umdayisi wasezitala­dini ovelele, ibhizinisi lomuntu omusha elisebenza kahle, indawo yezokuvaka­sha ebe nezivakash­i eziningi, umlimi ovelele, ushampeni wamabhizin­isi wesifazane, inxusa lemikhiziq­o yasoPhongo­lo elivelele, nenkakha yamabhizin­isi asoPhongol­o.

UNksz Nhlabathi uthe le minxa ikhethwe ukuze ihambisane namabhizin­isi akule ndawo.

“Indawo yasoPhongo­lo inothe ngeziqiwi, izindawo zokuvakash­a, ukongiwa kwemvelo nezolimo yingakho imikhakha esiyikheth­ile isondelene kakhulu nayo. Usomabhizi­nisi noma umuntu ozibonayo ukuthi ukufanele ukuchonywa uphaphe ngomsebenz­i wakhe, angalindi ukuqokwa, angaziqoka yena,” kusho uNksz Nhlabathi.

Kungenelwa ngokuthi kutholwe amafomu kwi-website ethi www. uphongolo.gov.za noma alandwe emahhovisi kamasipala. Amafomu aphindisel­wa emahhovisi kamasipala noma athunyelwe ku awards@uphongolo.gov.za.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMEYA kaMasipala wasoPhongo­lo uNksz Bawinile Nhlabathi isungule izindondo zokubonga osomabhizi­nisi bakule ndawo abenza kahle
Isithombe: SITHUNYELW­E IMEYA kaMasipala wasoPhongo­lo uNksz Bawinile Nhlabathi isungule izindondo zokubonga osomabhizi­nisi bakule ndawo abenza kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa