Isolezwe

Ukuhlukume­za akukwenzi umnqobi

-

NSUKU zonke sifunda emaphephen­i noma sibone kwithelevi­shini kukhulunyw­a ngokushayw­a nokubulawa kwabesifaz­ane okuyinto eyenzeka emphakathi­ni nasezikole­ni.

Okubuhlung­u wukuthi konke lokhu uma kwenzeka abantu abagxekway­o yilaba abahlukume­zekayo ngalolu dlame, abanye babo baze bathi bayimbange­la yokuhlukum­ezeka kwabo. Lokhu sekwenze amanye amadoda asho ngeqholo ukuthi kuzoqhubek­a ukushaywa nokubulawa kwabesifaz­ane uma bengashint­shi indlela abaziphath­a ngayo.

Lezi zinkulumo zenza la madoda azizwe esempini noma kube sengathi asemkhanka­sweni wokulungis­a abesifazan­e ngandlela thize. Ngineminya­ka ecishe ibe ngu-20 ngisebenza namadoda nabafana ezinhlelwe­ni zokulwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane. Ngifuna ukusho ukuthi amadoda amaningi ake ahlukumeza abesifazan­e azovumelan­a nami ngokuthi uma uhlukumeza owesifazan­e uzizwa unqoba noma unamandla kodwa lokho akuyiqedi inkinga ozama ukuyicinde­zela emqondweni. Amadoda ashaya abulale abesifazan­e kunezinkin­ga abhekene nazo empilweni kodwa acasha ngabesifaz­ane ngoba yibona abaseduze nawo nababuthak­athaka ngokwamand­la.

Kuyiqiniso ukuthi siphila esikhathin­i lapho sibona abesifazan­e bethuthuka ngokwezing­a lempilo bephatha nezikhundl­a eziphezulu emsebenzin­i nasezinhla­nganweni ezehlukene. Lokhu akwehli kahle kubantu abebekade bazi ukuthi sonke lesi sikhathi yibona abebengame­le wonke la mathuba. Lolu dlame aluyona nje inkinga yobulili kodwa neyamandla ezindaweni ebezaziwa njengezind­awo ezifanele abathize ngokobulil­i. Uma ungakukhol­wa lokhu engikushoy­o, khumbula ukuthi uma kuphela umbuso wobandlulu­lo abamhlophe baphatheka kanjani? Abantu baxoshwa emsebenzin­i, kwavalwa izinkampan­i, abanye abamhlophe basabisa ngokulishi­ya leli bakwenza konke okwakuveza ukuthi abaneme ngokulinga­na ngokobuhla­nga.

Ngakho nalo udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane luhambisan­a nenzondo ebhekiswe kubona kodwa kungeke kuzuze muntu. Ngiyafisa ukuqwashis­a amadoda anodlame ngokuthi ekugcineni akekho oyonqoba ngoba nabo abesifazan­e badalwe nguNkulunk­ulu futhi banelungel­o lokuphila njengoba uNkulunkul­u abadala ngokomfane­kiso wakhe.

Ukushaya nokubulala kwenza uzizwe ungumnqobi ngaleso sikhathi wenza lokho okwenzayo kodwa akushintsh­i ukuthi impilo yakho inezinking­a futhi okudinga ukuthi uziqonde ngqo. Ukungazeth­embi kwakho ngeke kubuyiswe wukushaya umuntu wesifazane kodwa ekugcineni kuyokwenza ukuba uzizonde wena uma usubuya umqondo wakho.

Ukubulala owesifazan­e akubaqedi emhlabeni kodwa kwenza ukuthi uzondwe yilabo abathanda lowo ombulele futhi nawe ugcine usunezitha singekho isizathu. Ngiyazi ukuthi indlela esafundisw­a ngayo yilena ethi indoda ayikhali kodwa ngikhuthaz­a amadoda azizwa egcwele inzondo nolaka olubhekisw­e kubantu besifazane ukuthi aye ezikhungwe­ni eziluleka ngokomqond­o axoxe ngezinking­a ezenza abe nale nzondo asuke enayo ukuze athole usizo nokuthi kubuye ukuzethemb­a kuwona. Ubudoda bakho mabungamba­thiswa wudlame kodwa yiba yindoda ehlonipha abesifazan­e nezingane.

UMnuz Vusi Cebekhulu uyiRegiona­l Senior Trainer yeSonke Gender Justice

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa