Bafuna kujeziswe abangcolisa imvelo
IZISHOSHOVU ezilwelwa ukongiwa kwemvelo zifuna siqine isandla ezinkampanini ezingcolisa imvelo, okunomthelela wokuthi kube nesimo sezulu esishintshashintshayo.
Lezi zishoshovu ebeziyingxenye yesigungu sokubonisanga ngomthethosivivinyo okulindeleke ukuthi ulawule, ukungcoliswa kwemvelo uphinde uqhamuke namasu nezindlela okumele zilandelwe ukuhlomela isimo sezulu esishintshashintshayo, iClimate Change Bill, eThekwini.
UMnuz Khulekani Magwaza we-Act Alliance, uthe lo mthetho-sivivinyo uzoqinisekisa ukuthi akubi yimfihlo ukuthi izinkampani ezingcolisa imvelo ziyingcolisa kangakani.
Uthe imibiko emayelana nalokhu kumele inekelwe izwe lonke, ingabi yimfihlo futhi kumele kube nentela ezokhokhwa yilezo zinkampani.
Uthe ngokubona kwakhe uhlelo olusebenza njengamanje lokuthi izinkampani zizivolontiyele zona ukuthi zizolehlisa kanjani izinga ezingcolisa ngalo umkhathi akuwenzi umehluko otheni.
“Ngokubona kwami asikho isidingo sokuthi ibe yimfihlo imibiko yokungcoliswa komkhathi. Siwumphakathi siyadinga ukuthi sazi ngalokhu, sifisa nokuthi sibone ukuthi uma lezo zinkampani zizibophezele ekutheni zehlise izinga lokungcolisa, zilehlisa kangakanani?” kusho yena
UNksz Deborah Ramalepo woMnyango wezeMvelo kuleli, uthe okwamanje awukho umthetho ophoqa izinkampani ukuthi zehlise izinga lokungcolisa umkhathi, imithetho ekhona kukhona lapho inegebe khona.
“Kusukela ngo-2016 kuya ku-2020 izinkampani ziyazivolontiyela ukuthi zizokwehlisa kangakanani. Sinethemba lokuthi ngo-2021 lo mthetho-sivivinyo uyobe usuphasisiwe, usungumthetho. Iziphakamiso ezikuwo zokuthi kube nezinga elithile elinqunyelwa izinkampani ezisemkhakheni eyehlukene okumele zehlise ngalo, zisetshenziswe ngoba kuyobe sekuwumthetho. Yize kunjalo asikwazi ukudalula izindaba eziyimfihlo zezinkampani ngezizathu ezithile ,” kusho yena.
UMnuz Troy Govender wakwa-Eskom uthe ngokubona kwakhe umphakathi usadinga ukufundiswa kabanzi ngodaba lokushintshashintsha kwesimo sezulu.
“Ngokubona kwami kusenokudideka okukhulu ngalolu daba, onjiniyela okuyibo abahlela izindlela zokusebenza ezinkampanini abakaqondi kahle, ingasakhulunywa eyomphakathi osemazingeni aphansi, awuliqondi leli gama, mhlawumbe kumele kuqhanyukwe nelinye igama elizoqondwa kangcono,” kusho yena.
UNksz Ramalepo uthe uma kungathiwa kusenonjiniyela abangazi ukuthi yini ukushintshashintsha kwesimo sezulu, ngabe kusho ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nengwadla.
“Ngivumelana nawe ukuthi kusamele sibe nezigcawu zokukhuluma nomphakathi kodwa ngokubona kwami abantu abaningi bayazi ngalesi simo, kungenzeka ukuthi banamagama abawasebenzisayo, abawaqonda kangcono kodwa lokho akusho ukuthi sekumele leli gama lishintshe,” kuqhubeka uNksz Ramalepo.
Kulesi sigcawu umphakathi ubuchazelwa ukuthi isahluko ngasinye salo mthetho-sivivinyo sichaza ukuthini, unikwe ithuba lokuthi uncome, ubeke amaphuzu ocabanga ukuthi asilele, uphinde uhlabe lapho ucabanga ukuthi lo mthetho-sivivinyo ushaya khona eceleni.
UNksz Ramalepo uthe izigcawu ezinjengalezi ezihlelwe umnyango zizophela ngoJulayi, ngazo umphakathi ulungiselelwa ukuthi ukwazi ukubhala uphawule ngalo mthethosivivinyo.
Ukuphawula komphakathi kuvalwa ngo-Agasti 8, ngemuva kwalokho lonke ulwazi oluqoqiwe luzobe seluyokwethula ePhalamende, kodwa kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuthi uphasiswe ngoba asikho isikhathi engumqamulajuqu esibekelwa iPhalamende ukuthi lihlaziye, liphinde libheke nezichibiyelo eziqhamuka emphakathini.