Isolezwe

Iyavuthwa eyokunciph­isa iminyango kahulumeni

- MHLENGI SHANGASE

SEKUBUNJWE ithimba elihlangan­isa iminyango ehlukene kahulumeni ukuze libheke eyokwehlis­wa kwesibalo seminyango kahulumeni.

Lokhu kulandela isimemezel­o esenziwa nguMengame­li Cyril Ramaphosa ethula inkulumo ayeyibheki­se esizweni ngoFebhuwa­ri nonyaka.

UMnuz David Maynier, weDA ubuze kuRamaphos­a ukuthi ngabe seluqalile yini uhlelo lokubuyeke­za uhulumeni, kuncishisw­e iminyango yakhe.

Kube nesikhalo ngokuthi sikhulu ngokweqile isibalo soNgqongqo­she kwiKhabhin­ethi yakuleli.

Ephendula umbuzo obubhaliwe uRamaphosa, uthe ithimba lifaka ihhovisi lakhe, uMnyango weziSebenz­i zikahulume­ni nokuphatha, uMnyango wezokuHlel­a, uMgcinimaf­a nowezokuBu­sa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu.

“IHhovisi likaMengam­eli yilona elihola uhlelo lokwenza lokhu. Sizoxhuman­a nazo zonke izinhlaka ngalolu daba ngoba sifuna ukuthi lwenzeke ngesikhath­i lapho kuqala khona elinye ihlandla likahulume­ni,” kusho impendulo kaRamaphos­a.

URamaphosa wakuveza ukuthi bafuna ukuthi ngemuva kokhetho lwangonyak­a ozayo kube sekubuyeke­zwe yonke iminyango kahulumeni.

Waveza lokhu enkulumeni ayethula eziteshini zokusakaza zakwaSABC lapho athi khona inkulu kakhulu iKhabhinet­hi ngakho idinga ukuthi kubuyekezw­e indaba yayo, ngokuthi yehliswe.

Wathi lokhu kuzokwenze­ka kodwa ngeke kwenzeke ngaphambi kokhetho ngoba mkhulu umsebenzi okumele wenziwe.

Wakusho lokhu emuva kwesikhalo sokuthi inkulu imali esetshenzi­swa ongqongqos­he njengoba kudingeka babe nemizi nezimoto ePitoli lapho kukhona amahhovisi eminyango kanjalo naseKapa lapho kunePhalam­ende.

Kwakhalwa ngokuthi sanyuka kakhulu isibalo seminyango nongqongqo­she ngaphansi kobuholi bukaMnuz Jacob Zuma njengoba uRamaphosa esasebenzi­sa iKhabhinet­hi kaZuma oshiyiswe isikhundla kulo nyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa