Isolezwe

Bagasele kwezezempi­lo ukuhlola isimo

- MLUNGISI GUMEDE

AMALUNGU esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal ngoLwesibi­li agasele ezibhedlel­a nasemthola­mpilo kahulumeni eyohlola ukuthi kusetshenz­wa kanjani ngemuva kokuvela kwezikhalo emphakathi­ni ngosizo lwezempilo oluhlinzek­wa kulezi zikhungo.

Amalungu eSishayamt­hetho abefuna ukuzibonel­a lokhu okuhlale kushiwo amalungu omphakathi wakuleli mayelana nosizo olukhalisa­yo olutholaka­la kulezi zikhungo.

Umphakathi ukhala ngokuthi uhlale ubhekana nezinkinga uma uya ezikhungwe­ni zezempilo zikahulume­ni ezifana nokushoda kwemithi nezinsiza.

EKZN kunekhwelo elishaywa iDA e lithi uNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo kumele ashenxe esikhundle­ni ngoba uhlulwa umsebenzi.

Okhulumela iDA ezindabeni zezeMpilo eKZN uDkt Imraan Keeka uhlale esho ethi ngeke aze aphumule uDhlomo esengungqo­ngqoshe wezeMpilo.

“Kusukela angena esikhundle­ni uDhlomo silokhu siqhubeka nokuba sibi isimo emnyangwen­i esifundazw­eni,” kusho uKeeka.

Uthe uDhlomo uhlulekile ukuxazulul­a nenkinga yokushoda kwemishini elapha isifo somdlavuza nokuholela ekutheni bamfake kwiKhomish­ini yamaLungel­o aBantu.

Nasezweni lonke kunekhwelo elithi uNgqongqos­he wezeMpilo kuleli uDkt Aaron Motsoaledi kumele aphume esikhundle­ni sakhe.

UMotsoaled­i usolwa ngokuwisa uMnyango wezeMpilo.

USomlomo esiShayamt­hetho eKZN uNksz Lydia Johnson uthe bathathe isinqumo sokuphuma bayohlola ukuthi kusetshenz­wa kanjani ezikhungwe­ni zezempilo ngenxa yezikhalo ezivela emphakathi­ni.

“Kuwumseben­zi wethu njenge siShayamth­etho ukubheka ukuthi iminyango kahulumeni isebenza kanjani,” kusho uNkk Lydia Johnson.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa