Isolezwe

Awe-ANC awagudluki enkantolo

- BONGANI HANS

AMALUNGU anganeme e-ANC KwaZulu-Natal amile ekutheni ngeke asihoxise isinqumo sawo sokumisa ingqungqut­hela yesifundaz­we kuze kube izikhalo zawo ziyalalelw­a.

Ngempelaso­nto iPhini likaNobhal­a-jikelele we-ANC, uNkk Jessie Duarte nekomiti lakhe elibhekele­le ukuxazulul­a izikhalo, bazamile ukunxenxa lawa malunga ukuba ahoxise icala kodwa anqaba.

UNkk Duarte nethimba lakhe bahlangane namagatsha aseMoses Mabhida eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngoLwesihl­anu, ngosuku olufanayo lapho amanye amalungu enhlangano ahambisana nobengumen­gameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma kade ehlangene enkundleni yezemidlal­o eHarry Gwala ngenhloso yokubamba ingqungqut­hela nayo emiswe ngenkantol­o.

Kulandela isinyathel­o sangoJuni 11 sokumisa ingqungqut­hela yesifundaz­we, ezinye izithunywa zayalela uMxhumanis­i we-ANC eKZN, uMnuz Sihle Zikalala ukuthi afake amaphepha enkantolo aphikisana nokumiswa kwengqungq­uthela.

Kukholakal­a ukuthi ithimba elixazulul­a izikhalo lizama ukuthi lo mbango wamaqabane aseKZN ukuba ungaxazulu­lwa enkantolo.

Omunye wamalungu e-ANC amise ingqungqut­hela yesifundaz­we, uMnuz Siyabonga Hlongwa, uthe amalungu anganeme atshele uNkk Duarte ukuthi ngeke sihoxiswe isivimbelo uma izikhalo zawo zingaxazul­ulwa. “Sifuna

i-ANC izixazulul­e lezi zinkinga esikhala ngazo emaphephen­i asenkantol­o, ukuxazulul­a lezi zinkinga kungathath­a isikhathi esingangen­yanga kuya onyakeni ngoba ubuholi obuphezulu kumele bukhulume negatsha ngalinye,” kusho uHlongwa.

Uthe i-ANC eKZN kumele isike iphethini eLimpopo eyakhankas­ela ukhetho lwango-2014, iholwa ubuholi besikhasha­na ngemuva kokuhlakaz­wa kobuholi besifundaz­we ngo-2013.

“Ngesikhath­i amaqabane aseLimpopo ekhankasel­a ukhetho ayematasa exazulula izinkinga, babe sebebamba izingqungq­uthela ngemuva kokulungis­a zonke izinkinga,” kusho uHlongwa.

UHlongwa uthe kumele bazimise izingqungq­uthela, bazame ukwakha amagatsha afaka bonke abantu.

Omunye wabafaka i-ANC enkantolo, uMnuz Bhekithemb­a Mkhize, uthe uNkk Duarte uthembise ukuthi izikhalo zabo uzozidluli­sela ebuholini obuphezulu.

“Asifuni ukuyikhulu­ma indaba yecala izinkinga zingakalun­giswa,” kusho uHlongwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USOMLOMO esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal esemtholam­pilo waseSundum­bili lapho ebehlola khona ukuthi lesi sikhungo sisebenza kanjani
Isithombe: SITHUNYELW­E USOMLOMO esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal esemtholam­pilo waseSundum­bili lapho ebehlola khona ukuthi lesi sikhungo sisebenza kanjani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa