Isolezwe

Udlondloba­le wathenga ifemu yakhe owamatende

- BONISWA MOHALE

UFSENEFEMU ethi yena usomabhizi­nisi ongumnikaz­i weSky Tents, eseWestmea­d eduze kwasePinet­own.

UMnuz Isaac Mbatha (27) waKwaMashu, wasungula iSky Tents ngo-2015, emva kokubeka imali ayeyenza ngesikhath­i eshayela amatekisi akubo.

Uveze ukuthi uqale ngokuqasha indawo yokusebenz­a kwathi uma imali ingena wathenga ifemu ukuze akwazi ukukhiqiza amatende, amafriji emicimbi (cold room) namathoyil­ethe ashawayo nangashawa.

“Ngesikhath­i ngisungula iSky Tents ngangibona abantu behlale benza imicimbi elokishini ngase ngibona kungcono ukuthi ngibakhele amatende abazowathe­nga kimi bese beqashisa ngawo. Ngangingaz­itsheli ukuthi ngizophume­lela kodwa manje ibhizinisi lihamba kahle ngoba nginamagat­sha ePolokwane, East London, Kokstad nasePitoli,” kusho uMbatha.

Uthe njengamanj­e uswele abaxhasi ukuze athenge umshini obiza u-R5.5 million. “Uma ngingathol­a lowo mshini ngizokwazi ukwakha izihlalo nenye impahla eyenziwa ngoplastik­i. Inhloso yami wukudayisa amatende, nezihlalo kwamanye amazwe ase-Afrika. Njengamanj­e amatende ami adayiswa eNamibia nase-Angola. Ngifuna ukusabalal­a ngiye kwamanye amazwe kodwa ngiswele abaxhasi,” kusho uMbatha.

Phakathi kwezingqin­amba ahlangabez­ane nazo ubalule eyokutheng­a imishini aveze ukuthi imba eqolo neyokuncin­tisana nezinkampa­ni ezinkulu.

“Umkhakha engikuwona ugcwele ezinye izinhlanga okuthe uma sengivula amagatsha kwezinye izindawo nazo zangilande­la. Okubuhlung­u wukuthi zona ziyakwazi ukwakha amatende ashibhile, zehlise nentengo yomkhiqizo ukuze zizame ukungikhip­ha emakethe. Kodwa ngiyabekez­ela ngiqhubeke nokukhiqiz­a amatende ahlala isikhathi eside ukuze amakhasime­nde ami ayalele nabanye abantu ukuthi umkhiqizo wami useqophelw­eni eliphezulu,” kusho uMbatha.

Ugqugquzel­e osomabhizi­nisi abancane ukuthi bangayidli imali yebhizinis­i ukuze bakwazi ukulinweba babe namafemu abo.

Uthe ngesikhath­i eqala wayenabase­benzi abane okuhlangan­isa naye kodwa manje usenabangu-47.

Uphethe ngokuthi abantu abameseke ukuze akwazi ukudala amanye amathuba omsebenzi ikakhuluka­zi njengoba intsha eningi iduve emakhaya.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? UMNUZ Isaac Mbatha onefemu eyakha amatende, iSky Tents, uthi osomabhizi­nisi abancane akufanele bayidle imali yebhizinis­i kodwa mabayibeke ukuze bayisebenz­isele ukuwanweba
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA UMNUZ Isaac Mbatha onefemu eyakha amatende, iSky Tents, uthi osomabhizi­nisi abancane akufanele bayidle imali yebhizinis­i kodwa mabayibeke ukuze bayisebenz­isele ukuwanweba
 ??  ?? UMNUZ Isaac Mbatha uthi akulula emkhakheni wokwakha amatende ngoba kunezinkam­pani ezinkulu ezikwazi ukwehlisa intengo yempahla edayiswayo ukuze iziqede nya ngezimbang­i zazo
UMNUZ Isaac Mbatha uthi akulula emkhakheni wokwakha amatende ngoba kunezinkam­pani ezinkulu ezikwazi ukwehlisa intengo yempahla edayiswayo ukuze iziqede nya ngezimbang­i zazo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa