Isolezwe

AbakwaSAB nezinhlelo zokusiza osomabhizi­nisi abancane

- BONISWA MOHALE

ZIZODALA amathuba omsebenzi izinhlelo zokusiza osomabhizi­nisi abancane zakwaSouth African Breweries (SAB), okuyiKickS­tart Boost neSAB KickStart Ignite.

Ucwaningo lweStatist­ics South Africa luveza ukuthi oyedwa kwabathath­u umuntu omusha okufanele ngabe useyaseben­za akakaseben­zi okusho ukuthi isibalo sentsha engasebenz­i ephakathi kweminyaka engu-15 no-34 simi ku-38.2%.

AbakwaSAB bathe ukusungulw­a kwamabhizi­nisi kuzoqeda izinga eliphezulu lokungaseb­enzi kwentsha. Esitatimen­deni uNkk Phumzile Chifunyise oyi-Enterprise Developmen­t Manager kwaSAB and InBev Africa, uthe intsha engu-70 izothola ukuqeqeshw­a okunzulu kwezamabhi­zinisi ukuze iqashe ozakwabo abangasebe­nzi.“Sikholwa wukuthi yintsha ezothuthuk­isa umnotho. Sithole ukuthi iningi liqala amabhizini­si ukuze liziphilis­e. Umncintisw­ano wethu weSAB KickStart Boost neSAB KickStart Ignite uzoyisiza ukuze amabhizini­si ayo enze inzuzo futhi adale imisebenzi. Sizoqinise­kisa ukuthi bazokwazi ukusebenzi­sana nezinkampa­ni ezinkulu ezifana neSAB and Inbev Africa nezinye,” kusho uNkk Chifunyise.

Uthe ngesikhath­i iSAB iqala uhlelo lweSAB KickStart ngo1995 yayifuna ukuthuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane idale amathuba omsebenzi. “Sifuna ukuqeda umkhuba wokuwa kwamabhizi­nisi amancane emuva kweminyaka emithathu esebenza.

Osomabhizi­nisi bazohlonyi­swa ngolwazi oluzoqinis­ekisa ukuthi noma sebephumil­e ohlelweni lwethu lokubaqeqe­sha bayazimela futhi baqhubeke nokudala amathuba omsebenzi,” kusho uNkk Chifunyise.

Uthe iSAB KickStart isixhase osomabhizi­nisi abangaphez­u kuka-25 000 yavulela intsha engosomabh­izinisi engu-3 500 amathuba okuhweba eNingizimu Afrika, Botswana, Lesotho, Swazini, Tanzania, Zambia naseUganda. Osomabhizi­nisi abancane bavame ukukhala ngokuthi abanayo indawo yokudayisa imikhiqizo yabo noma izinsiza kanti uNkk Chifunyise uthe lokho bayakulung­isa kwiSAB KickStart Boost nakwiSAB KickStart Ignite ngokuxhuma­nisa osomabhizi­nisi abancane nezinkampa­ni ezinkulu.

“Asifuni ukuthi osomabhizi­nisi bathembele kuhulumeni kodwa njengoba umthetho uthi izinkampan­i ezinkulu kufanele zithenge ezikudinga­yo kosomabhiz­inisi abancane senza isiqinisek­o sokuthi bayaziwa asebephume­lele ukuze abaphumele­le bathenge abakudinga­yo kwabancane. Siyabagqug­quzela nokuthi bangene kwezolimo ukuze basidayise­le izithako esizidinga­yo emikhiqizw­eni yethu,” kusho uNkk Chifunyise.

Abadinga ulwazi ngomncinti­swano weSAB KickStart bangangena ku-www. sabentrepr­eneurship.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa