Isolezwe

Bethule uhlelo lokucija osomabhizi­nisi abancane

- INTATHELI YESOLEZWE

UKUBONA intsha iswele imali yokuqala amabhizini­si kwenza inkampani egxile kubuchweph­eshe besimanje i-Orenda yeza nohlelo lokucija osomabhizi­nisi abancane ukuze baphumelel­e.

Lolu hlelo lwethulwe ngokusemth­ethweni esizindeni samabhizin­isi esiKwaMash­u, iBig Box ngoSuku lweNtsha.

Kulolu hlelo abakwa-Orenda bavule indawo ebizwa nge-Ozone eseBig Box lapho osomabhizi­nisi abasha bezokwazi ukufika nezinhlelo zabo bese abakwaOren­da bebacija ngamakhono azobasiza ukuthi benze imali.

UNksz Phumelela Bohlela wakwa-Orenda, uthe banezikhal­a ezingu-20 ezivulelwe osomabhizi­nisi abancane kodwa abaswele izinsiza.

“E-Orenda sisiza osomabhizi­nisi abangenazo izinsiza ngoba sifuna bakwazi ukuba neqhaza elibalulek­ile ekuthuthuk­iseni umnotho wezwe. Ucwaningo luveza ukuthi u-75% wamabhizin­isi amancane uyawa eminyakeni emithathu yokuqala yingakho sifuna ukucija osomabhizi­nisi ngamakhono azobasiza ukuphumele­la nokungenis­a imali,” kusho uNksz Bohlela.

Uthe osomabhizi­nisi abafuna ukuba yingxenye yohlelo lwabo lokucijwa ngamakhono bangaya ku-www.orendaorg.com kungakaphe­li inyanga (Juni).

Uhlelo lokuqeqesh­a osomabhizi­nisi lubiza uR10 000 umuntu emunye.

Usomabhizi­nisi ozodla umhlangani­so uzothola imiklomelo yenani likaR100 000.

Lolu hlelo luzokwethu­lwa nakwezinye izindawo eziseNingi­zimu yeTheku kodwa osomabhizi­nisi bacelwe ukuthi baye kwi-website yakwaOrend­a ukuze bathole yonke imininingw­ane abayidinga­yo.

 ?? Isithombbe: SITHUNYELW­E ?? ITHIMBA lase-Orenda oNksz Phumelele Bohlela, uMnuz Jonas Barausse noNksz Zamaswazi Shabangu ngesikhath­i kuthulwa uhlelo lokucija osomabhizi­nisi abancane eBig Box, KwaMashu ngoMgqibel­o
Isithombbe: SITHUNYELW­E ITHIMBA lase-Orenda oNksz Phumelele Bohlela, uMnuz Jonas Barausse noNksz Zamaswazi Shabangu ngesikhath­i kuthulwa uhlelo lokucija osomabhizi­nisi abancane eBig Box, KwaMashu ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa