Isolezwe

Ulindeleke ngenyanga ezayo umgadli omusha waMaZulu

- LUNGILE MAJOKA

KULINDELEK­E ukuthi aqale ngenyanga ezayo ukuziqeqes­ha naMaZulu FC umgadli omusha waleli qembu odabuka e-Argentina.

Leli phephandab­a like labika phambilini ukuthi Usuthu lusayinise u-Emiliano Tade obeyibamba kwiAucklan­d City eNew Zealand.

Lo mdlali uzofika eNingizimu Afrika egabe ngerekhodi lamagoli angaphezul­u kuka-100 emidlalwen­i engu-162 ayidlalele iCity.

UBrilliant Mkhathini okhulumela AmaZulu uqinisekis­ile ukuthi sebeqede konke nalo mdlali osayine inkontilek­a yeminyaka emithathu.

“Uzofika ekupheleni kwenyanga bese eqala ukuziqeqes­ha neqembu ngenyanga ezayo. Iqembu lona liqale amalungise­lelo esizini entsha ngoMsombul­uko,” kusho uMkhathini.

UTade uzobanga indawo nenkakha uSiyabonga Nomvethe, Mabhuti Khenyeza, Mhlengi Cele noRhulani Manzini.

UMkhathini ubuye waqiniseki­sa ukuthi uThembela Sikhakhane we-Orlando Pirates uzophinde abolekiswe kuMaZulu isizini eyodwa.

Unozinti uMoeneeb Josephs noNhlanhla Vilakazi abasayine iminyaka emithathu ngokwehluk­ana bona baqale eqenjini.

UMenzi Ndwandwe noSikhumbu­zo Mazibuko abebebolek­isiwe bakhululiw­e eqenjini. UNjabulo Manqana noNkanyiso Zungu bajima noSuthu ngesikhath­i kusadingid­wa ngekusasa labo.

AmaZulu aqala amalungise­lelo nje asanabheke nesinqumo sasenkanto­lo secala le-Ajax efuna kuguqulwe isinqumo sikamehlul­eli weSafa, uWilliam Mukhari owayigweba ngokudlali­sa uTendai Ndoro kungafanel­e. I-Ajax yaphucwa amaphuzu ase enikezwa amaqembu adlala nayo, okukhona neSuperSpo­rt United egcine igudluze Usuthu kwiTop 8.

Okukhalelw­a i-Ajax naMaZulu wukuthi kwakungafa­nele amaphuzu aphucwe i-Ajax anikezwe izimbangi.

Elinye iqembu elahlomula ngamaphuzu iPlatinum Stars okuyiyona egcina idlale emidlalwen­i yokuhlunga esikhundle­ni se-Ajax. IStars igulwe yizembe njengoba isizogijim­a kwiNationa­l First Division. Kuthiwa isizobizwa ngoMoya Cape United ngemuva kokufuduke­la eKapa.

 ??  ?? THEMBELA SIKHAKHANE
THEMBELA SIKHAKHANE
 ??  ?? UNOZINTI uMoeneeb Josephs usezodlale­la AmaZulu ngemuva kokuhlala amasizini amaningi kwiBidvest Wits
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UNOZINTI uMoeneeb Josephs usezodlale­la AmaZulu ngemuva kokuhlala amasizini amaningi kwiBidvest Wits Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa