Isolezwe

U-OJ uvuma eyokungazi­phathi kahle

- LUNGILE MAJOKA

INKUNZIMAL­ANGA yesitobha, uMbulela “OJ” Mabizela esanda kudalula ukuthi iyaliyeka ibhola, iphumele obala ngokuthi kwayiphath­a kabi ukusheshe ibuye e-England lapho yayisithol­e amadlelo aluhlaza kwiTottenh­am Hotspur edlala kwi-English Premier League.

Ngo-2003 uMabizela (37) wadonsa iso lezinhloli zeSpur ngesikhath­i ifike eNingizimu Afrika idlala ne-Orlando Pirates ayeyibamba kuyona. IBucs yanqoba lo mdlalo ngo 2-1.

“Kwakuyiphu­pho lami ukuthi ngelinye ilanga ngiyodlala kwamanye amaligi amakhulu phesheya. Ngesikhath­i okwenzeka ngaso ngangingal­indele yize saya emdlalweni ngizitshel­a ukuthi ngifuna ukushaya into ecokeme,” kusho uMabizela.

Uthe yonke into yenzeka ngokushesh­a okukhulu.

“Ngangingaz­i lutho ngezwa sengibizwa umunt’omdala (u-Irvin Khoza) ehhovisi engitshela ukuthi laba bantu bayangifun­a. Ngahamba ngaya khona ngahlala amasonto amabili ngihlolwa isimo sempilo. Ngemuva kwalokho ngabuya ngalungisa amaphepha ngase ngiyahamba.”

UMabizela waba nemidlalo eyisishiya­galolunye kwiSpurs washaya igoli elilodwa okusakhulu­nywa ngalo namanje.

“Ngangingen­akho ukungabaza ukuthi enkundleni ngizofike ngiwenze umsebenzi. Isipiliyon­i sokudlala kwiPirates nakwiBafan­a Bafana sangisiza kulokho. Kodwa ngokwempil­o ngangingak­akulungeli ukuyohlala ngedwa ezweni elikude kule minyaka engangikuy­ona. Ngicabanga ukuthi yilokho okwaba nomthelela endleleni engagcina ngiziphath­e ngayo,” kuqhuba uMabizela.

Wayeneminy­aka engu-22 ngesikhath­i ehamba. Imibiko yayiveza ukuthi inkontilek­a yanqanyulw­a ngenxa yokugxila ophuzweni oludakayo phesheya kwezilwand­le.

“Yebo kwaba yikhona lokho,” kube yimpendulo kaMabizela eqinisekis­e le mibiko.

“Akungiphat­hanga kahle ukusheshe ngibuye. Ngangineth­emba lokuthi ngizohlala isikhathi eside kwazise kwakungeyo­na into elula ukufinyele­la khona uma ngibheka lapho engisuka khona. Nami ngiqala ukudlala ibhola ngangihlez­i ngizikhuth­aza ngokuthi ngifuna ukuyodlala kumaligi amakhulu. Ngakho indlela yami yokuziphat­ha yaba nomthelela (ekutheni akhonjwe indlela),” kusho uMabizela.

Ululeke abadlali abasakhula nabanesifi­so sokuya phesheya ukuthi bafunde emaphuthen­i akhe.

“Bayabading­a abantu abazobelul­eka ngaso sonke isikhathi bazi ukuthi izidakamiz­wa notshwala akubuyisel­i,” kusho uMabizela.

Uthe esebuya phesheya akazange akhulume noKhoza njengoba wayesebhek­e kwiMamelod­i Sundowns. NgokukaMab­izela ezinye izigigaba ezimehlaka­lele kunobhutsh­uzwayo uzozidalul­a encwadini asezinhlel­weni zokuthi ibhalwe.

 ?? Isithombe: GOAL.COM ?? UMBULELO ‘OJ’ Mabizela ngesikhath­i eyibamba kwiTottenh­am Hotspur yase-England eminyakeni edlule
Isithombe: GOAL.COM UMBULELO ‘OJ’ Mabizela ngesikhath­i eyibamba kwiTottenh­am Hotspur yase-England eminyakeni edlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa