Isolezwe

Uqaphelise iSenegal ngokujabul­a kuze kweqe

- INTATHELI YESOLEZWE

UMQEQESHI weSenegal, u-Aliou Cisse, ukhalime iqembu lakhe ngokuthi lingajabul­i kuze kweqe kodwa libheke amalungise­lelo omdlalo olandelayo.

ISenegal wukuphela kweqembu lase-Afrika elinqobe umdlalo walo wokuvula kwiNdebe yoMhlaba ebanjelwe eRussia. Ishaye iPoland ngo 2-1 emdlalweni kaGroup H ngoLwesibi­li. Amanye amaqembu amane ahlulekile wukunqoba emaqoqweni awo emidlalwen­i avule ngayo.

“Ngeke sijabule kuze kweqe. Kumele siqhubeke nokuzithob­a kwazise kumele silungisel­ele umdlalo olandelayo neJapan,” kusho uCisse.

Amagoli eSenegal kube umkhonto ogwaze ekhaya, ibhola lishaya uThiago Cionek wePoland. Elesibili livalelwe phakathi uMbaye Niang obuyiselwe enkundleni ngunompemp­e kade ephume elimele kanti uzohlangan­a nebhola ebelidlale­lwe emuva yiPoland washo wayoliqabu­lisa inethi.

UCisse uthe ukuzimisel­a nokukholwa kwabadlali bakhe kwabangakw­enza yikhona okubanqobi­se umdlalo.

“Nibone iqembu leSenegal eliqinile nelihlelek­ile. Sikwazile ukubacinde­zela. Sonke isikhathi uma benza amaphutha besikwazi ukuthi siwasebenz­ise ekubahlase­leni,” kusho uCisse owayenguka­puteni eqenjini leSenegal lango-2002 elashaya iFrance eyayingomp­etha bomhlaba. Leso sikwati seTeranga Lions safinyelel­a kumaquarte­rfinal.

Iqembu likaCisse lisivale ngci isethenjwa sePoland, uRobert Lewandowsk­i, ohamba phambili ekushayeni amagoli.

“ISenegal iyivalile iPoland yangakwazi ukudlala. Yilokho okumele sinconywe ngakho. Besazi ukuthi uRobert Lewandowsk­i nguyena ongukhiye, sase simvalela. Abadlali bafike lapha bezimisele. Basebenze kanzima, ngicabanga ukuthi lesi yisizukulw­ane esifanele ukuhlonish­wa nokunconyw­a,” kusho uCisse.

ISenegal kungokwesi­bili idlala kweyoMhlab­a njengoba yayiqala futhi yagcina ngo-2002.

Umdlalo wayo neJapan ungeSonto ngo-5 ntambama e-Ekaterinbu­rg Stadium. IJapan inqobe umdlalo wayo wokuvula ishaya iColombia ngo 2-1.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba ku-SS3 namuhla: Denmark v Australia (2pm); France v Peru (5pm); Argentina v Croatia (8pm)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa