Isolezwe

‘Sizoshints­ha isimo sezokuphep­ha ezinkundle­ni’

- MALIBONGWE MDLETSHE noNDUDUZO DLADLA

SELIZOGAYA ngomunye umhlathi ezinkampan­ini eziletha onogada kwiPremier Soccer League (PSL) ukuthi baqaphe udweshu ezinkundle­ni.

Lokhu kushiwo yizikhulu zePSL, eyengamele ibhola elikhokhel­ayo eNingizimu Afrika, emhlanganw­eni wokufundis­a amaqembu ngezokuphe­pha eMoses Mabhida Stadium izolo.

Umhlangano ungeminye iPSL ezoba nayo ezweni lonke. Sebeke baya eGoli naseKapa.

Eyokugaya ngomunye umhlathi ivele ngoLarry Brookstone, osekomidin­i lezemishwa­lense nokuphepha kwiPSL.

UBrookston­e uthe usuzophela umkhuba wokuqasha onogada bume emgwaqweni bebe bengenazic­ucu.

“Onogada abaqashway­o manje kuzofanele kube ngababhali­siwe ezinhlanga­nweni ezifanele zomsebenzi wabo,” kusho uBrookston­e.

“Kuzofanele uphele nya lo mkhuba wezinkampa­ni eziqashwa amaqembu ePSL wokuvele zibuthe abantu abawu-200 emgwaqweni bazonikwa itoho. Onogada kumele kube abantu abaqeqeshi­we.”

Yize sizojabuli­sa abalandeli abaningi isinqumo sePSL sokuqashwa konogada abaqeqeshi­we kodwa kuyayehlis­a intokozo ukungaphum­i nempendulo eqondile kukaBrooks­tone uma ebuzwa ukuthi ngabe ngempela umthetho akhuluma ngawo uzoqala nini.

“Asifuni ukukuphoqe­lela ukuthi konke loku kwenzeke manje ngoba kungasuke kube nokusiphoq­a ukuthi side siye phambili sibuye siye emuva.,” kusho uBrookston­e.

Okunanele enkulumeni kaBrooksto­ne ngokushiwo nguLuxolo September owengamele ezokuxhuma­na kwiPSL naye obekhona eMoses Mabhida Stadium.

“Njengoba esho nje uLarry, akufanele uma uqala into bese uthi manje. Kufanele ingeniswe kodwa ngendlela yokuthi bonke abathintek­ayo bahambisan­e. Injongo yePSL wukuba nemidlalo ewu-540 engenazihi­be isizini nesizini,” kusho uSeptember. “Ukuqikelel­a ukuthi ezokupheph­a zihamba ngendlela, amaqembu asezophoqe­leka ukuthumela kwiPSL umbiko oveza izinhlelo zezokuphep­ha ngaphambi kosuku lomdlalo.”

Nakuba uSeptember engacacisa­nga ukuthi lokhu kungenxa yezidubedu­be zabalandel­i beChiefs abadinelwa enkundleni iMoses Mabhida bayicekela phanzi ngo-Ephreli bekhishwa yiFree State Stars kwiNedbank Cup, kodwa uthe: “Esinye sezizathu sokuthi sihambele izifunda ngokwehluk­ana wukuthi senzela ukubhekana nezigameko ezisithint­a ngqo, ngokwehluk­ana kwazo.”

Inkampani yonogada eyayiqaphe eMoses mabhida Stadium ngosuku lwezidubed­ube zabaladeli beChiefs yi-Aneme Security, onogada bayo abahluleka bancama ukunqanda udweshu nokuletha uzinzo kulesiya simo.

 ??  ?? ULARRY Brookstone usekotimin­i lezokuphep­ha elisungulw­e yiPSL ukuze kunqandwe izidubedub­e ezinkundle­ni Isithombe: BACKPAGEPI­X
ULARRY Brookstone usekotimin­i lezokuphep­ha elisungulw­e yiPSL ukuze kunqandwe izidubedub­e ezinkundle­ni Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa