Isolezwe

Ochithwe yiChiefs uzama inhlanhla phesheya

- NDUDUZO DLADLA

KUVELA ukuthi uTsepo “Chester” Masilela osanda kuchithwa iKaizer Chiefs ngeledlule uzanyelwa iqembu eSouth America yinkampani ebhekelele izindaba zakhe iPro Sport Internatio­nal ephethwe uqweqwe lwemenenja, uMike Maakab.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, nakuba ekhona amaqembu amfunayo eNingizimu Afrika uMasilela kodwa uMakaab uthe uzoqala azame eSouth America njengoba kukhona amaqembu kuleliya zwekazi amfunayo uMasilela.

“UMaakab ufuna uMasilela adlale eSouth America. Akhona amaqembu akwiAbsa Premiershi­p amfunayo futhi maningi. Iningi lawo lizinze eGauteng. Akenqambil­e naye uMakaab ukuba adlale kuleli kodwa ufuna ukuthi aqale ahluleke phesheya kwezilwand­le,” kusho lo mthombo osondelene kakhulu nePro Sport Internatio­nal. Isolezwe liphinde lathola ukuthi uMasilela ufake izithombe ezinkundle­ni zokuxhuman­a eseMiami, e-United State of America (USA). Imibiko ithi uziqeqeshe­la khona, njengoba amaqembu amaningi kwi-Absa Premiershi­p evulelile kuleli sonto, amanye evula ngoMsombul­uko. UMasilela wazakhela igama kuleli esagijimel­a iBenoni Premier United. Uke wagijima emaqenjini aphesheya kwezilwand­le esingabala kuwona iMaccabi Haifa yakwa-Israel ngo2007 kuya ku-2011, iGetafe yaseSpain ngo-2011 kuya ku-2012 ngaphambi kokujoyina iZimpofana ngo-2012. Udlale kuBafana Bafana amahlandla angu-51. UMasilela uchithwe kwiChiefs nabanye abadlali abane okunguWill­iam Twala, Edmore Chirambada­re, Keagan Buchanan okhonjwa kwiMaritzb­urg United noSibusiso Khumalo okuvela ukuthi angase athushuke kwelinye lamaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwi-Absa Premiershi­p.

UMakaab wePro Sport Internatio­nal akafunanga ukuvuma noma ukuphika ngodaba lukaMasile­la okhonjwa eSouth America.

“Engingakus­ho njengamanj­e ukuthi kusasekuse­ni kakhulu ukuthi singaxoxa ngodaba lukaMasile­la. Okuningi ngalo kuzocaca kahle ngesonto elizayo,” kusho uMakaab.

 ??  ?? UTSEPO Masilela ochithwe yiKaizer Chiefs kuvela ukuthi uzama inhlanhla eSouth America Isithombe:BACKPAGEPI­X
UTSEPO Masilela ochithwe yiKaizer Chiefs kuvela ukuthi uzama inhlanhla eSouth America Isithombe:BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THULANI GUMEDE
THULANI GUMEDE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa