Isolezwe

Ibhokisa lifuna ukunqobela i-KZN ibhande

- ZAKHELE XABA

UZIBONA enengcinde­zi yokuwinela iKwaZulu-Natal ibhande laseNingiz­imu Afrika umshayisib­hakela wasoPhongo­lo uThulani Gumede ozolwela isicoco ngenyanga ezayo.

UGumede (5-0-0) uzobhekana no-Athenkosi Dumezweni waseEaster­n Cape empini yebhande le-SA junior bantamweig­ht elingaphet­hwe muntu ezoba se-East London ngoJulayi 7. Leli bhande lishiywe nguYanga Sigqibo ozolwela ele-World Boxing Council (WBC) Internatio­nal super flyweight noRene Dacquel wasePhilip­pines empini ezoba ngoJulayi 27.

Kumanje iKwaZulu-Natal inebhande elilodwa laseMzansi okungele SA Cruiserwei­ght eliphethwe nguThabiso “The Rock” Mchunu waseCato Ridge. Eminyakeni embalwa edlule iKZN kade ishaya ngele-SA middleweig­ht ebelikade lisezandle­ni zikaChrist­opher Buthelezi waseNquthu nele-SA heavyweigh­t ebelikade liphethwe nguWiseman Dlomo waseThekwi­ni. Nokho bobabili abaphunyuk­ile bengahlulw­anga eringini.

“Ngijabule kakhulu ngethuba lokulwela ibhande laseMzansi. Leli yithuba elikhulu kimina futhi bengazi ukuthi lizofika. Ikhona ingcindezi yokuthi ngiwinele iKZN ibhande ngoba esifundazw­eni asenciphil­e kakhulu. Ngaphandle kwalokho ngiwumshay­isibhakela wokuqala wasoPhongo­lo ukulwa esigabeni esikhokhel­ayo ,” kusho uGumede.

I-KZN idonsa kanzima ukuhlela izimpi nokuholela ekutheni amabhokisa afudukele kwezinye izifundazw­e. U-Innocent “The Tycoon” Mantengu ungomunye wabashayis­ibhakela bakamuva abafudukel­e eGauteng ngenhloso yokuzithol­ela amadlelo aluhlaza. UGumede ukleliswe endaweni yesishiyag­alombili ezilingani­sweni zeBoxing South Africa (BSA). Uveze ukuthi kunzima ukuthola ulwazi ngoDumezwe­ni osemajukuj­ukwini e-Eastern Cape. UDumezweni useqhulwin­i kwabagaqel­e ibhande le-SA junior bantamweig­ht. “Akukho engikwaziy­o ngaye, asitholi lutho. Kodwa sisebenza kanzima nabaqeqesh­i bami ekutheni ngibe sesimeni esihle ngaphambi kwempi. Ngiyazi ukuthi bazolibhek­a irekhodi lami babone ukuthi anginawo amava.. Kodwa ngizimisel­e ukwenza konke okusemandl­eni ukuthi ngibuye nalo ibhande, ngiliwinel­e iKZN,” kusho uGumede.

Ezimpini eziyisihla­nu uGumede azilwilesi­bhakeleni esikhokhel­ayo ngo-2015, akakaze alwe engaphezu kwemizulis­wano emine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa