Isolezwe

AwePSL afundiswa ngezokuphe­pha

- NDUDUZO DLADLA noMALIBONG­WE MDLETSHE

UKUVELA phambi kwekomidi lezemidlal­o ePhalemend­e, kuyivuse emaqandeni iPremier Soccer League (PSL), njengoba iqale umkhankaso wokuhambel­a zonke izifundazw­e icobelele ngolwazi amaqembu adlala ngaphansi kwayo ngezokuphe­pha ezinkundle­ni.

Ngokusho kwePSL ukungafund­iseki kwabalande­li banobhutsh­uzwayo kungezinye zezimbange­la ezenza kube nodlame ezinkundle­ni eNingizimu Afrika.

Lokhu kugqame bha izolo ngesikhath­i iPSL inomhlanga­no wokucobele­lana ngolwazi eMabhida Stadium, eThekwini. Inhloso yalo mhlangano ukuthi amaqembu aqonde kangcono izindlela zokuphepha nemithetho engasiza kwehle udlame ezinkundle­ni njengoba kuphetha ngokuthi kulimale abantu kudicilele­ke nezakhiwo.

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu kwiPSL, uRonnie Schloss, ukungaphep­hi ezinkundle­ni kudala ukuthi abalandeli bangawathe­ngi amathikith­i, nokuholela ekutheni ezinkundle­ni kungagcwal­i.

“Sifuna ukuthi abantu bazizwe bevikeleki­le uma besezinkun­dleni. Sifuna isimo lapho khona umndeni uzokwazi ukuphuma wonke ekhaya uzobuka ibhola, uzithokozi­se ngaphandle kokwethuka. Kungakho sifuna amaqembu asithumele zonke izimfuno zePSL kusasele izinsuku ngaphambi komdlalo. Lokhu kuzonika isigungu esiphezulu sePSL isikhathi sokuba sicubungul­isise ukuthi ngabe ezokupheph­a zisesimeni esifanele yini. Uzokhumbul­a ukuthi izimfuno okufaka phakathi nemibiko yeqembu bekwenziwa ngosuku lo mdlalo,” kusho uSchloss.

I-PSL ibhekene nengwadla njengoba izehlakalo zakamuva ziyembule izinqe ukuthi ayisiqinis­ile isandla kwezokuphe­pha. Isehlakalo esenzeke eMoses Mabhida ngoEphreli, ngesikhath­i kudlala iFree State Stars neKaizer Chiefs kowandulel­a amanqamu kwiNedbank Cup, singesinye esishiye imibuzo ngezokuphe­pha ezinkundle­ni zakuleli.

Lo mdlalo owanqotshw­a yiStars ngo-2-0, waphetha ngezidubed­ube zodlame, olwaholela ekucekelwe­ni kwempahla, kwaphinde kwalimala nabantu. Umonakalo owenzeka eMabhida ubalelwa ngaphezu kuka-R2 million.

Ngokusho kukaLarry Brookstone osesigungw­ini esiphezulu kwiPSL, esibhekele­le umshwayile­nse nezokuphep­ha ezinkundle­ni zakuleli, sekuyisikh­athi sokuba amaqembu akwiPSL aqonde ukuthi yini elindeleke kuwona.

“Sihlangene lapha ngoba sifuna amaqembu azi ukuthi kulindelek­eni kuwona. Lapha sikhuluma ngezokuphe­pha kwalo lonke uhlobo enkundleni. Silande ungcweti kwezokuphe­pha uPatrick Ronan odume umhlaba wonke ukuba azocija amaqembu ngezokuphe­pha ezinkundle­ni. Sizophinde sishiye amaqembu nezinto azozifunda, ukuze akhumbuzek­e ukuthi ngabe yini okumele ayilungise futhi ayenze ngaphambi komdlalo, noma umdlalo usuqhubeka kuze kube uyaphela,” kuchaza uBrookston­e.

Uphinde abe ngusihlalo weHighland­s Park ezodlala kweAbsa Premiershi­p kule sizini ezoqala.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa