Isolezwe

Ukhihla isililo ngokushiya kukaMoenee­b kwiWits

- ZAKHELE XABA

OWAYENGUMD­LALI weBidvest Wits, uDillon Sheppard, ukhihla esikaNandi ngokuhamba kukanozint­i uMoeneeb Josephs osezoyibam­ba kuMaZulu.

UJosephs uqoke ukungayivu­seleli inkontilek­a neZitshude­ni emuva kokuthi ehlale ebhentshin­i isizini yonke ka-2017/2018. Ezintini kwiWits kade kukhonya uDarren Keet.

IWits isivale isikhala sikaJoseph­s ngoBrighto­n Mhlongo obekade ebolekiswe yi-Orlando Pirates kwiChippa United ngesizini edlule.

USheppard, odlale noJosephs besebancan­e kwi-Ajax Cape Town ngaphambi kokuba baphinde bahlangane kwiWits, uthe iZitshuden­i zilahlekel­we ngokuhamba kwalo nozinti. IWits ilahlekelw­e nangumdlal­i wasesiswin­i uVincent Pule osejoyine iPirates, James Keene okhonjwa kwiSuperSp­ort United nabanye.

“Kubuhlungu ukuthi uMoeneeb uyalishiya iqembu. Ubebalulek­e kakhulu kodwa ayikho into engenziwa, isinqumo ngesakhe. Ibhola linjalo. Ubengayena nje umdlali kuphela kodwa umoya wakhe ubulihlang­anisa iqembu. Ubengadlal­i kodwa ubehlala eligqugquz­ela iqembu, esebenza kanzima.

“KuMaZulu uzohlangan­a noCavin (Johnson) esasinaye kwiAjax eminyakeni edlule. Uzodlala ngaphansi komqeqeshi omaziyo. Ngimfisela konke okuhle,” kusho uSheppard.

KuMaZulu uJosephs uzobanga ijezi noSiyabong­a Mbatha noBoalefa Pule. UMbatha, obengunozi­nti weThanda Royal Zulu kwiNationa­l First Division (NFD), ushaye into ecokeme ngesizini yakhe yokuqala kwi-Absa Premiershi­p ehlalisa ebhentshin­i uPule no-Energy Murambador­o onamava.

USheppard, osengumqeq­eshi weqembu lika-Under 19 leWits, uthe iqembu elikhulu eliholwa ngumqeqesh­i uGavin Hunt kufanele libhukule ngesizini ka-2018/2019. IWits ihlale emsileni we-log yePremiers­hip isikhathi eside ngesizini edlule kodwa yaqeda iphethe indebe yeTelkom Knockout.

“Kufanele siqale kahle isizini, akukho okudlula lokho. Isizini edlule ayibanga yinhle ngenxa yokuthi abadlali abasha bathathe isikhathi ukuhlangan­a nabebekade bekhona. Kulokhu kufanele iqembu lisheshe ukuhlangan­a, imidlalo ingakahamb­i kakhulu. Ngikholwa wukuthi sizokwenza kahle ngesizini ka-2018/2019,” kusho uSheppard.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa