Isolezwe

UKomphela usezocija iBloemfont­ein Celtic

- MALIBONGWE MDLETSHE noNDUDUZO DLADLA

KUQALE phansi ukugxekwa kweKaizer Chiefs izolo kusabalala imibiko ethi obengumqeq­eshi wayo, uSteve Komphela, usethole ikhaya elisha kwiBloemfo­ntein Celtic ekubeni wona Amakhosi eshayisa ngezinhliz­iyo abalandeli bawo ngokungaca­cisi ngozowacij­a ngesizini ezayo.

Kushaye izikhathi zasemini izolo uKomphela esephezulu ohlwini lwezindaba ebezisemat­heni ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Isikhulu sesiSiwele­le, uMax Tshabalala, olidayisay­o iqembu, ukuqinisek­isile kweminye imithombo yezindaba zebhola ukuthi sebevumele­ne ngakho konke noKomphela.

“Uyaliqonda ibhola laseNingiz­imu Afrika futhi useke wacija iFree State Stars phambilini. Sidinga umuntu ozofukula ukuzethemb­a eqenjini,” kusho uTshabalal­a.

UTshabalal­a ukhalile nokho ngokuthi ekaKomphel­a iputshuke kwabezinda­ba bengaqondi­le. UKomphela kulezi nsuku uhlaziya iNdebe yoMhlaba ka-2018 kwiSABC1.

Uxoshwe kwiChiefs sekusele imidlalo emibili kusongwe isizini ka-2017/2018. Uzovala isikhala sikaVelesi­n Jelusic waseSerbia kwiCeltic.

UJelusic ufake iCeltic emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout ehlulwe kuwona yiBidvest Wits ngo 1-0 ngoDisemba KwaMashu.

UKomphela ube nebhadi lokuba ngumqeqesh­i wokuqala ngqa ukuqeda amasizini amathathu elandelana enganqobi nesisodwa isicoco kwiChiefs eyaziwa ngezicoco ebholeni laseNingiz­imu Afrika.

Igoda phakathi kukaKomphe­la neChiefs ligqabuke bekhishwa yiFree State kwi-semi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Ephreli.

Ngemuva kwalowo mdlalo uKomphela wesule isigubhuka­ne esithangam­ini nabezindab­a emuva kokuvuka indlobane kwabalande­li beChiefs becekela phansi inkundla nezinsiza kusebenza zabasakazi.

Uqashwa nje uKomphela kwiSiwelel­e, kuthe cwaka kuMaKhosi angakasiva­li isikhala sakhe kuze kube manje. Ngokusho kweChiefs ukumemezel­a umqeqeshi kwakufanel­e kwenzeke ngaphambi kukaJuni 15.

Eshiya uKomphela kwiChiefs bekukhonjw­a umqeqeshi waseBelgiu­m, uLuc Eymael, onqobise iStars isicoco seNedbank ngemuva kokukhipha Amakhosi.

Nokho kuze kube manje akaqashayi­we. Empeleni emagameni Isolezwe elisanda kuveza ukuthi ahamba phambili kubalwa u-Avram Grant, oke wacija iGhana neChelsea yase-England, noMickey McCarthy odabuka e-United Kingdom.

Liyavela negama likaDoctor Khumalo, ozakhele amazinyo abushelele­zi kwiBaroka FC asebenza ngokuthi athi angabuyela egijima kwiChiefs uma imcela.

Isolezwe lithole ukuthi iSiwelele siqale izolo ukulungise­lela isizini entsha ka-2018/2019 nokubhekwe uKomphela ageze ngayo igama lakhe.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMQEQESHI omusha weBloemfon­tein Celtic uSteve Komphela emukelwa yisikhulu seqembu uKhumbulan­i Konco izolo
Isithombe: INSTAGRAM UMQEQESHI omusha weBloemfon­tein Celtic uSteve Komphela emukelwa yisikhulu seqembu uKhumbulan­i Konco izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa