Uqaphelise iSenegal ngokujabula kuze kweqe
UMQEQESHI weSenegal, u-Aliou Cisse, ukhalime iqembu lakhe ngokuthi lingajabuli kuze kweqe kodwa libheke amalungiselelo omdlalo olandelayo.
ISenegal wukuphela kweqembu lase-Afrika elinqobe umdlalo walo wokuvula kwiNdebe yoMhlaba ebanjelwe eRussia. Ishaye iPoland ngo 2-1 emdlalweni kaGroup H ngoLwesibili. Amanye amaqembu amane ahlulekile wukunqoba emaqoqweni awo emidlalweni avule ngayo.
“Ngeke sijabule kuze kweqe. Kumele siqhubeke nokuzithoba kwazise kumele silungiselele umdlalo olandelayo neJapan,” kusho uCisse.
Amagoli eSenegal kube umkhonto ogwaze ekhaya, ibhola lishaya uThiago Cionek wePoland. Elesibili livalelwe phakathi uMbaye Niang obuyiselwe enkundleni ngunompempe kade ephume elimele kanti uzohlangana nebhola ebelidlalelwe emuva yiPoland washo wayoliqabulisa inethi.
UCisse uthe ukuzimisela nokukholwa kwabadlali bakhe kwabangakwenza yikhona okubanqobise umdlalo.
“Nibone iqembu leSenegal eliqinile nelihlelekile. Sikwazile ukubacindezela. Sonke isikhathi uma benza amaphutha besikwazi ukuthi siwasebenzise ekubahlaseleni,” kusho uCisse owayengukaputeni eqenjini leSenegal lango-2002 elashaya iFrance eyayingompetha bomhlaba. Leso sikwati seTeranga Lions safinyelela kumaquarterfinal.
Iqembu likaCisse lisivale ngci isethenjwa sePoland, uRobert Lewandowski, ohamba phambili ekushayeni amagoli.
“ISenegal iyivalile iPoland yangakwazi ukudlala. Yilokho okumele sinconywe ngakho. Besazi ukuthi uRobert Lewandowski nguyena ongukhiye, sase simvalela. Abadlali bafike lapha bezimisele. Basebenze kanzima, ngicabanga ukuthi lesi yisizukulwane esifanele ukuhlonishwa nokunconywa,” kusho uCisse.
ISenegal kungokwesibili idlala kweyoMhlaba njengoba yayiqala futhi yagcina ngo-2002.
Umdlalo wayo neJapan ungeSonto ngo-5 ntambama e-Ekaterinburg Stadium. IJapan inqobe umdlalo wayo wokuvula ishaya iColombia ngo 2-1.
Imidlalo yeNdebe yoMhlaba ku-SS3 namuhla: Denmark v Australia (2pm); France v Peru (5pm); Argentina v Croatia (8pm)