Isolezwe

Kugqame intsha yaseKZN koweTV

- NOKUBONGWA PHENYANE

IHAMBA yodwa intsha yaKwaZulu-Natal esanda kungena ekulingise­ni lokhu kugqame izolo kwethulwa abaqokwe emcimbini wokuklomel­isa abalingisi bemidlalo ehlukene kuleli amaSimon “Mabhunu” Sabela Film & TV Awards.

Lo mcimbi ohlelwa iKZN Film Commission, uzobanjelw­a ePlayhouse, eThekwini, ngoJulayi 21, lapho kuzohlonis­hwa abantu bakuleli abasemikha­kheni ehlukene kuthelevis­hini.

Okugqame kakhulu kulo mcimbi ukuthi umdlalo Uzalo, Isibaya, Isithembis­o kuqokwe intsha eningi kuwona.

Uzalo ilona oluhamba phambili ngabantu abaqokiwe emikhakhen­i ehlukene njengoba kuqokwe abayisithu­pha kulo mdlalo.

Emdlalweni Isibaya neSithembi­so bane kuphela abaqokwe emikhakhen­i ehlukene kuyona yomibili imidlalo.

UJackie Motsepe ongomunye wezikhulu ezihlela lo mcimbi, uthe njengoba sebewenza okwesithup­ha kulo nyaka, izinga lawo likhule kakhulu.

“Umkhakha ngamunye bekukhona amajaji amathathu akade eqoka abazongene­la kulo nyaka.

“Kulo nyaka zingu-300 izicelo ezingenile okuyinto ebinkulu kakhulu njengoba lokhu kukhombisa ukuthi ithalente liyakhula,” kusho uJackie.

Uthe okubajabul­isa kakhulu ukubona intsha eningi engenele eqhamuka KwaZuluNat­al futhi esiwaqophi­le amafilimu ayo.

“Kukhona izindondo ezizonikez­wa abantu abahlukene ababe neqhaza elikhulu kwithelevi­shini. Abaqokiwe kulo mkhakha bayovezwa ngosuku olukhulu lapho sobe sihlonipha igalelo labo,” kusho uJackie. Imikhakha imi kanje kulo mcimbi. Best Supporting Actress Film: Pearl Thusi (Kalushi) Mishqah Parthiepha­l (Keeping up with the Kandasamys). Best Newcomer Actor TV Sthembiso Khumalo (Judge Khambule) Zamani Mbatha (Isithembis­o) Best Actor TV Zamani Mbatha (Isithembis­o) Sdumo Mtshali (Isibaya) Masoja Msiza (Uzalo) Best Actress TV Leleti Khumalo (Uzalo) Baby Cele (Uzalo) Nomzamo Mbatha (Isibaya) Best Student Film Forever (Lindo Langa) Umsolwa (Minenhle Luthuli) Bars (Minenhle Luthuli)

 ?? Isithombe: ?? UMNUZ Welcome Msomi, Pragna Parsotam Kok noSimphiwe Mkhize akade bekhona kwethulwa abaqokwe emcimbini amaSimon ‘Mabhunu’ Sabela eThekwini izolo.
Isithombe: UMNUZ Welcome Msomi, Pragna Parsotam Kok noSimphiwe Mkhize akade bekhona kwethulwa abaqokwe emcimbini amaSimon ‘Mabhunu’ Sabela eThekwini izolo.
 ?? Isithombe: TWITTER ?? USDUMO Mtshali ngomunywe wabalingis­i bomdlalo abaqokiwe emkhakheni weBest Actor TV emcimbini amaSimon ‘Mabhunu’ Sabela Film and TV Awards azoba ngenyanga ezayo eThekwini.
Isithombe: TWITTER USDUMO Mtshali ngomunywe wabalingis­i bomdlalo abaqokiwe emkhakheni weBest Actor TV emcimbini amaSimon ‘Mabhunu’ Sabela Film and TV Awards azoba ngenyanga ezayo eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa