Isolezwe

Wexwayisa abazalwane ngabefundi­si

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFISA ukuxwayisa abazalwane ngabafundi­si mbumbulu owesilisa wakwesaKwa­Mthethwa, eMpangeni kodwa ozinze eGoli othi waqolwa umfundisi uR2 million.

Lo somabhizin­isi oneminyaka engu-31, ocele igama lakhe ligodlwe ukuze ezovikelek­a, uthe uyokuxoxel­a amagwababa echobana okwamehlek­ela egilwa nguMfundis­i, eluthwa uR2 million.

Elandisa Isolezwe, lo wesilisa uthe wavakashel­a ibandla elibizwa ngokuthi

i-Activities ehamba nesinqanda­mathe sakhe ngo2016.

Lo mfundisi uthe ubemazi ngegama elithi-Amo kodwa isibongo engasazi.

Wafica umfundisi wokufika kuleli egila izimanga, ephrofetha naye wamtshela izindaba zakhe wancama.

“Umfundisi waqala engivakash­ela ekhaya wangitshel­a konke ngempilo yami engiphrofe­thela, ngabona ukuthi uyindoda kaNkulunku­lu ngempela. Ngabe sengimthem­ba, waqala wacela ukuba ngimnikeze uR2 million ukuze ezokwakha ibandla. Waveza isitatimen­de sakhe sasebhange eveza ukuthi unoR3 million. Nangempela ngavuma, imali ngamfakela kwi-akhawunti yakhe,” kusho lo wesilisa.

Emuva kwesonto emnikeze imali, uthe ubelokhu efika esontweni naye umfundisi ekhona. Emuva kwenyanga emnikeze imali akabange esafika umfundisi ebandleni, kwathiwa uyagula. Necala akakwazang­a ukulivula njengoba amaphoyisa athi wazivumela yena ukunikeza umuntu imali.

Le mali engu-R2 million, uthe kwakungeya­khe, kuyifa alishiyelw­a abazali.

“Ngangilokh­u nginganaki­le ukuthi umfundisi akasekho. Ngaya lapho ayehlala khona ngangamfic­a kwathiwa akekho sekuhlala abanye abantu. Ngagcina ngingasayi esontweni ngoba nomfundisi engasathol­akali nemali, esehambile naye,” kusho lo wesilisa.

Ngo-Ephreli, lo wesilisa, uthe wayezobhek­a amatekisi akhe eThekwini ngesikhath­i ezwa ngodumo lomfundisi osuka eGoli owenza izimanga.

“Ngesikhath­i bemchaza lo mfundisi, ngabona ukuthi uyena lona ohambe nemali yami ngo-2016. Ngaya kuleli sonto nangempela ngazithela phezu kwakhe lo mfundisi, ngabona ukuthi uyena. Ngabiza abanye abafowethu esisebenza nabo ematekisin­i ukuthi beze esontweni simlinde kuphele isonto bese siya kuyena. Wathuka engibona kodwa wathi akangazi futhi uyafika kuleli,” kusho lo wesilisa.

Uthe umfundisi waziphika kodwa waveza amavideo lapho ayeshumaye­la khona eveza lo mfundisi.

“Wabe esexolisa ethi, mngani wami ngiyaxolis­a ngokuhamba nemali yakho, ngizokubuy­isela. Sabe sesithi ngeke simdedele ngaphandle kokunginik­eza imali yami. Wacela ukuyoyilan­da endlini imali kodwa sangavuma ukuba ahambe yedwa. Samlandela saya endlini wangibuyis­ela uR500 000,” kusho lo wesilisa. U-R1.5 million wathi usebhange kanti kwaphoqele­ka ukuba balale endlini yalo wesilisa belinde afake imali.

“Ngakusasa saya ebhange wafaka kwi-akhawunti yami uR1.5 million. Salinda amahora ukuba izihlobo zakhe zimfakele imali,” kusho lo wesilisa. Sahlala naye izinsuku ezintathu silinde imali ize ingene kwiakhawun­ti yami.

“Kukho konke lokhu ngifundile ukuthi kukhona abafundisi abadlala ngabazalwa­ne ngegama leNkosi,” kusho lo wesilisa.

Imizamo yokuthola lo mfundisi ayizange iphumelele njengoba kungaziwa ibandla lakhe elisemthet­hweni, nezinombol­o zalo mfundisi zingasaseb­enzi. Igama lebandla elivezwe ilo somabhizin­i Isolezwe lihluleke lancama ukulithola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa