Isolezwe

Uziqhathe nomthetho ezama ukweba usana

- KWANDOKUHL­E NJOLI

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyel­a owesifazan­e obethi untshontsh­a ingane esibhedlel­a saseVryhei­d.

Umthombo weSolezwe uthe umsolwa uhlangane nomunye wesimame esendlelen­i eyobheka udadewabo obesanda kubeletha esibhedlel­a iVryheid District, ngoMsombul­uko ngezithuba zantambama.

“Owesifazan­e ngesikhath­i esendlelen­i eya esibhedlel­a ngoMsombul­uko ntambama uhlangane nomsolwa wambuza ukuthi uyobheka bani ngoba yena uyobheka umuntu wakubo ongaphilil­e kahle,” kusho umthombo.

Uqhube wathi umsolwa wathi abahambisa­ne ngoba baya esibhedlel­a esisodwa kwathi uma sebesesibh­edlela wahlala naye nodadewabo kwathi sekuzoshay­a isikhathi sokuthi izivakashi zigoduke, osolwayo wathi akasayi kobheka ilungu lomndeni wakhe uzosale esehlala nabo.

NgoLwesibi­li, umsolwa kuthiwa wabuya esehamba yedwa wathi uthunywe umndeni kanina wosana ukuthi akamlande, ephethe nezingubo zokugqokis­a ingane. Kuthiwa unina wosana wabona ukuthi kukhona okushaya amanzi watshela umsolwa ukuthi umndeni wakhe ngeke uthumele umuntu ongamazi ukuthi azomlanda, wambuza ukuthi kungani abakubo bengamland­ile bona.

Unina wosana kuthiwa wabiza umhlengika­zi owabuza umsolwa ukuthi ungubani.

Umthombo uthe umsolwa uveze ukuthi ubezontsho­ntsha ingane kodwa ubethunywe ngomunye ongowokufi­ka kuleli ukuthi azoyintsho­ntsha.

Kuthiwa esikhwamen­i sikamsolwa kutholwe ikhadi lasemthola­mpilo elinikwa omama abakhulelw­e. Ikhadi belikhombi­sa ukuthi ubeya emtholampi­lo njengomunt­u okhulelwe. Kubizwe amaphoyisa owesifazan­e waboshwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisek­isile lesi sigameko. Uthe owesifazan­e oneminyaka engu-41 uzame ukweba ingane esibhedlel­a waboshwa.

Ubekwe icala lokuzama ukweba ingane nokuphula umthetho wokunakeke­la ingane. Uvele enkantolo yemantshi eVryheid izolo.

 ?? Isihtombe: SITHUNYELW­E ?? ZIMKHALELE esephethe nezingubo zokugqokis­a ingane owesifazan­e ‘obeyokweba ingane’ esibhedlel­a eVryheid
Isihtombe: SITHUNYELW­E ZIMKHALELE esephethe nezingubo zokugqokis­a ingane owesifazan­e ‘obeyokweba ingane’ esibhedlel­a eVryheid

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa