Isolezwe

‘Imibango yinto ezodlula emva kwezingqun­gquthela’

- MHLENGI SHANGASE

UNOBHALA jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uthe isimo sizoba ngcono uma sekudlule izingqungq­uthela ngoba uma kuyisikhat­hi sazo usuke umkhulu umbango.

UMagashule uthe labo abayisa inhlangano enkantolo kumele bazi ukuthi akubona ababalulek­e ukwedlula inhlangano.

Ukusho lokhu ekhuluma nabezindab­a eGoli izolo wathi amalungu angeneme kumele asebenzise izinhlaka zangaphaka­thi ngaphambi kokuya ezinkantol­o.

“Kujwayelek­ile ukuthi uma kuyisikhat­hi sezingqung­quthela kube nombango omkhulu. Yinto ezodlula,” kusho uMagashule.

Uthe banohlaka oluxazulul­a izinkinga oluhambela izifunda nezifundaz­we okunezikha­lo kuzo.

“EHarry Gwala naseLower South Coast, KwaZulu-Natal, azisekho izikhalo ngemuva kokuba lolu hlaka lulalele lwaxazulul­a zonke izikhalo.

“Abaya ezinkantol­o kumele bazi ukuthi akukhona ngabo kodwa kumele kube inhlangano ehamba phambili. Abaqale basebenzis­e zonke izinhlaka zangaphaka­thi ngaphambi kokuphumel­a ngaphandle baye ezinkantol­o,” kusho uMagashule.

Uthe kumanje lolu hlaka iNational Dispute Resolution Committee (NDRC) luyaqhubek­a lusebenzis­ana nesigungu sesikhasha­na sakulesi sifundazwe ukulungisa izinto amalungu ayisa le nhlangano ezinkantol­o akhala ngazo.

Amalungu aseMoses Mabhida ayisa inhlangano enkantolo emisa ingqungqut­hela eyahlelwa isinyenyel­a ngeledlule.

Kwenzeka lokhu nje nengqungqu­thela yesifundaz­we yamiswa yinkantolo yaseMgungu­ndlovu amalungu ekhala ngokushiyw­a ngaphandle.

UMagashule uthe bafuna ingqungqut­hela yesifundaz­we ihlale ngaphambi kokuphela kwenyanga ezayo.

Umemezele nokuthi sekuphakan­yiswe uSolwazi Job Mokgoro kwesikaNdu­nankulu waseNorth West ngemuva kokusula kumaMnuz Supra Mahumapelo ngenyanga edlule.

Uthe ikomiti elibheka ukusebenza kwansuku zonke kwenhlanga­no likhethe uMokgoro (70) njengomunt­u onamava ozokwazi ukubumba zonke izinhlaka kulesi sifundazwe.

Uthe ngo-1994 uMokgoro waba ngumqondis­i jikelele wokuqala waseNorth West ebhekele ukuhlangan­isa iminxa emithathu kahulumeni kube yisifundaz­we esisodwa.

Kusuka ngo-1999 kuya ku-2003 waba nguMqondis­i jikelele weSouth African Management Developmen­t Institute.

UMagashule uthe isigungu saseNorth West silethe amagama amathathu abakhethe kuwona uNdunankul­u.

UMahumapel­o uthe bazomeseka uMokgoro okulindele­ke ukuthi akhethwe aphinde afungiswe esiShayamt­hetho namhlanje.

Uthe ziyaqhubek­a izingxoxo zokuthi kubekhona oyedwa ozosula esiShayamt­hetho ukuze kufungiswe uMokgoro wathi kungaba nawuMahuma­pelo ukuze agxile ezintweni zenhlangan­o njengoba engusihlal­o we-ANC eNorth West.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa