Isolezwe

Isinqumo esiphoqa ingcaca kwawezombu­sazwe

- MHLENGI SHANGASE

SAMUKELWE isinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo esithi kumele itholakale kalula imininingw­ane yabaxhasa amaqembu ezepolitik­i ngemali.

Le nkantolo ifakazele isinqumo seNkantolo eNkulu yaseWester­n Cape esithi kumele le mininingwa­ne ibe sobala emaqenjini nakwabange­nela ukhetho ngokuzimel­a.

UMengameli wamaJaji uMogoeng Mogoeng, unqume ukuthi iPhalamend­e lichibiyel­e umthetho iPromotion of Access to Informatio­n Act (PAIA) mayelana nokuthi itholakale le mininingwa­ne. Lokhu kumele kwenzeke ezinyangen­i ezingu-18.

Inhlangano iMy Vote Counts yayisa lolu daba enkantolo ithi ifuna abavoti bakwazi ukuthola ulwazi ngabaxhasa amaqembu abawesekay­o.

Izolo le nhlangano ithe ijabule ngesinqumo, ikholwa wukuthi lokhu kuzothuthu­kisa isimo sezepoliti­ki kuleli.

“Lesi sinqumo sizovumela abavoti ukuthi babe nolwazi uma kumele banqume ukuthi bavotele bani okhethweni. Siyajabula ukuthi kuzoba nokuvulele­ka, abantu bazi ukuthi amaqembu abo asekwa ngobani ngezimali,” kusho isitatimen­de seMy Vote Counts.

UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, uthe bayasamuke­la isinqumo.

“Inkantolo enkulu ezweni, ayikho enye engaphezul­u kwale nkantolo. Siyasamuke­la lesi sinqumo sale nkantolo ngalolu daba lwamaqembu,” kusho uMagashule.

UMengameli weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi usamukele lesi sinqumo, wathi abaxhasi yibona abebenquma ukuthi imigomo yeqembu izobheka ngakuphi.

“Uma abavoti sebazi ukuthi ubani oxhasayo kuzoba kubona ukuthi bayalivote­la yini lelo qembu. Isinqumo sizokwenza ukuthi amaqembu amancane azuze nawo ngoba abethembel­e kulabo abawasekay­o ngemali,” kusho uKaMagwaza-Msibi.

Okhulumela iPhalamend­e, uMnuz Moloto Mothapo, uthe umthetho iPAIA ubungayive­zi imininingw­ane yabaxhasa amaqembu.

“Siyasamuke­la lesi sinqumo. Likhona ibanga eselihanji­we kulolu daba njengoba kunomtheth­osivivinyw­a osakhiwa ngokuxhasw­a kwamaqembu.”

UMogoeng uthe kubaluleki­le ukuthi abezindaba bakwazi ukuthola imininingw­ane ngabaxhasa amaqembu.

Unqume ukuthi uNgqongqos­he wezoBulung­iswa akhokhe izindleko zecala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa