Isolezwe

Isexwayiso kubabhukud­i basemabhis­hi ngokususwa kwamanethi

- BONISWA MOHALE

NGEKE kubhukudwe emabhishi aseThekwin­i adumile njengoba kususwe amanethi avimbela oshaka ukuthi beze osebeni lolwandle ukuze kudlule osayidinsi.

UMnuz Mike Anderson-Reade weKZN Sharks Board, uthe ngoLwesibi­li osayidinsi bathe ukugxila emabhishi aseMargate ngenxa yokuthi bekumakhaz­a.

Kuthe izolo bafudukela eNyakatho yeKwaZulu-Natal njengoba isimo sezulu sifudumele.

Uthe kubaluleki­le ukuthi abantu balalele abasiza ababhukuda­yo emabhishi ngoba uma kuzodlula osayidinsi amanethi ayasuswa ukuze oshaka, amahlenget­hwa nezinye izilwanyak­azana zasolwandl­e zizohamba ngokukhulu­leka.

“Amanethi siyawasusa ngoba sisuke singafuni ukuthi oshaka, amahlenget­hwa nezinye izilwane babhajwe emanethini. Uma esusiwe kubaluleki­le ukuthi abantu balalele abaqaphe isimo ebhishi ngoba kulula ukuthi oshaka beze ngasoseben­i kwazise nabo basuke bejaha osayidinsi,” IKHASI ELIKHOKHEL­WE kusho u-Anderson-Reade.

Uthe uyakuqonda ukuthi abantu bayakuthan­da ukuya olwandle kodwa kubaluleki­le ukuthi balalele ukuze baphephe ababhukuda­yo bese nabadoba osayidinsi babadobe kahle.

UMnuz Mandla Nsele oyiNhloko yezokuXhum­ana esabambile kuMasipala weTheku, ukuqinisek­isile ukuthi amabhishi asavaliwe ukuze kudlule osayidinsi.

“Amabhishi azovulwa uma osayidinsi sebedlulil­e. Ukubhukuda kuzoma kuze kube osayidinsi sebedlulil­e. Ukudlula kosayidins­i yisikhathi esibalulek­ile ngoba bayathandw­a futhi baheha izivakashi nabadobi,” kusho uNsele esitatimen­deni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa