Isolezwe

Ucwaningo ngesibhono sezimanga sikaZimdol­lar

-

MASOLEZWE ngicela ngokuqala nginicele nehlise imimoya ngodaba lwesibhono sikaZimdol­lar woKhozi FM ngoba ngiphezu kwalo ngiyaluphe­nya nochwephes­he abangaphan­si kwami. Uphenyo lwami selusezing­eni eliphezulu kakhulu, okuhle wukuthi zonke izinhlango­thi ezithintek­a kulolu daba zibambisen­e nami.

Umnikazi wesibhono okunguZimd­ollar ukhombisa ukuzithoba ubambisene nami ngoba ufuna ukuqeda ukuqagela okukhona ngalolu daba lwesibhono sakhe. Nalabo asebephend­uke inkukhu nempaka okunguZond­i noDlamini abangasabh­ekani ngenxa yokuthi bobabili abazimisel­e ukudeduka eduze kwesibhono sodumo siyaxoxa nabo.

Okuyisona sizathu esenza uVolos enze ucwaningo ngesibhono sikaZimdol­lar wukuthi ujwayele ukuzwakala emsakazwen­i ezincoma ngokuthi insizwa ayidabuli uma seyize yavuma wayicindez­ela ngesibhono sakhe. Ungakababi­kho lo msindo kaZondi noDlamini ababanga uZimdollar besizitshe­la ukuthi le ntokazi yakwaBiyel­a ishaya amagogogo ngalesi sibhono sayo. Lo msindo wokubangwa kwakhe usuyakhomb­isa ukuthi usuke engadlali uma ethi unesibhono esibhonoza kamnandi ezinsizwen­i. Uphenyo lukaVolos luzobuka sonke isimo sesibhono sikaZimdol­lar okuhlangan­isa ubukhulu nobude baso kuhlangani­sa nekhono lakhe lokusisebe­nzisa.

MaSolezwe le ngosi yanamuhla iqondene nalo mfana waseBulwer uBongumusa Mthembu onamaganga­ngozi okuvele asuke ngejubane ashiye abantu ongathi uxhunywe kugesi. OkaVolos njengomfan­a waseBulwer ubone kufanele axoxisane noBongumus­a osephenduk­e inxusa laseBulwer ngenxa yokunqoba iComrades Marathon izikhathi zilandelan­a.

Volos: Hhayi Bongumusa sekufanele basiyeke ngendebe yeComrades Marathon ngoba seyihlala eBulwer.

Bongumusa: Impela kunjalo futhi ngibona kusazothat­ha isikhathi ukuthi umqhele weComrades Marathon uthathwe eBulwer.

Volos: Kunabafund­i beSolezwe abafisa ukwazi ukuthi kungabe yiRosari ohlezi uligaxe entanyeni elimfihlo yakho ekwenza ugijime ushiye isithunzi. Lo mbuzo ususwa wukuthi uma usugijima ufake iRosari lakho emlonyeni kusuke sekusho ukuthi usuyowina umjaho.

Bongumusa: Akukho lutho olutheni ngeRosari kodwa ekhaya singamakha­tholika sikhule silithanda­za, uma ngilifaka emlonyeni ngisuke ngikhuleka ngicela amandla okuwina.

Volos: Kuthini ukuphawula kwakho ngabagijim­i ababukela kuwena ngokuthi nabo sebegijima befake amaRosari kodwa bangawini?

Bongumusa: Kunjengoba sengishilo ukuthi iRosari liwumthand­azo ongeke wakwazi ukuwinisa umuntu engaziqeqe­shile, umuntu ofuna ukuwina umncintisw­ano kufanele adele ubumnandi aziqeqeshe kakhulu.

Volos: Ungaphawul­a uthini ngabagijim­i beComrades Marathon abayilungi­sela ngokuthi baphalaze baphinde bachathe?

Bongumusa: Ngingeze ngathi kuhle noma kubi kodwa angiboni kuyisu elihle ukuthi umuntu akhandle umzimba ngezimbiza ebesazogij­ima ibanga elide.

Volos: Mfoka Mvelase ngicabanga ukuthi usuke wafunda emaphephan­dabeni ngodaba lukaZimdol­lar woKhozi FM obangwa yinsizwa yakwaZondi neyakaDlam­ini.

Bongumusa: Yebo sengike ngalufunda lolo daba lombango kodwa kunzima ukuphawula kabanzi ngalo ngoba abathintek­a kulona bakhuluma izinto ezingafani.

Volos: Wena Mthembu kungenzeka ukuthi ulibele ukugijima ugcine ungazizwa kahle izindaba, thina esaziyo sizokutshe­la ukuthi yonke lempi isuswe yisibhono sikaZimdol­lar.

Bongumusa: Hhayi Volos ngiqala ukuyizwa ngawe lena yesibhono esiqhatha izinsizwa, umuntu uyafisa ukwazi ukuthi luhlobolun­i lwesibhono lolu olususa umsindo ongaka.

Volos: Mvelase lindela imiphumela yocwaningo lwami ezoveza ukuthi yisibhono esinjani lesi esidida izinkinsel­a.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa