Isolezwe

Okukhuluny­we nguMalema kuliqiniso

-

MHLELI: Kulezi zinsuku kukhulunyw­a ngenkulumo kaMnuz Julius Malema ayenze ngesikhath­i kunombutha­no weqembu lakhe. Kuningi ukuphawula ngale nkulumo, futhi nemibono yehlukene.

Okuqaphele­kayo nokho ukuthi abantu abaningi ikakhuluka­zi abasemazin­geni aphansi bathi okukhuluny­we nguMalema kuliqiniso. Kodwa labo abasemazin­geni aphezulu kwezepolit­iki bayamgxeka. Eqinisweni nje uMalema ukhuluma iqiniso. Njengezakh­amizi zaseNingiz­imu Afrika siyahambis­a nalabo abathi ukucwasana kufanele kuphele. Kodwa ukucwasana kusaqhubek­a futhi kuqhutshwa ngabezinye izinhlanga.

Kuningi ukuhlukume­zeka kwabantu abanyama okwenziwa iningi lamaNdiya ezindaweni ezahlukene, kodwa okuhamba phambili isezindawe­ni zokusebenz­a. Okufike kushiye imibuzo ukuthi kubukeka sengathi abaholi bethu abafuni kukhulunyw­e, kuphunyelw­e obala ngalokhu. Uma kukhona umuntu okhuluma ngale nzondo yamanye amaNdiya ayibhekise kwabamnyam­a, ufakwa enkantolo ngokuphazi­ma kweso.

Sizwile kuthiwa neDA isimangale­le uMalema ngale nkulumo. Akuthusi nokho okwenziwe yiDA ngoba vele umsebenzi wayo ukuvikela abelungu, amaNdiya namakhalad­i.

Muva nje sizwa kuthiwa kuneNdiya elibize umuntu omnyama ngegama eliqala ngo-K ebhanoyini lakwaKulul­a.

Mina anginandab­a nomlungu onobandlul­ulo ngoba vele bafundiswa ngokuthi umuntu omnyama uyabandlul­ulwa. Into engibangel­a isilungule­la ubandlulul­o nokwedelel­a okugcwele kwamanye amaNdiya.

Izinhlanga­no ezazifana noSouth African Human Rights Commission, zithuli zithini uma kwenzeka lokhu? Yini umsebenzi wazo, uma amaNdiya eqhubeka nokudelela abantu bakithi bevele bezibhuqab­huqelwa yisimo somnotho?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa