Okukhulunywe nguMalema kuliqiniso
MHLELI: Kulezi zinsuku kukhulunywa ngenkulumo kaMnuz Julius Malema ayenze ngesikhathi kunombuthano weqembu lakhe. Kuningi ukuphawula ngale nkulumo, futhi nemibono yehlukene.
Okuqaphelekayo nokho ukuthi abantu abaningi ikakhulukazi abasemazingeni aphansi bathi okukhulunywe nguMalema kuliqiniso. Kodwa labo abasemazingeni aphezulu kwezepolitiki bayamgxeka. Eqinisweni nje uMalema ukhuluma iqiniso. Njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika siyahambisa nalabo abathi ukucwasana kufanele kuphele. Kodwa ukucwasana kusaqhubeka futhi kuqhutshwa ngabezinye izinhlanga.
Kuningi ukuhlukumezeka kwabantu abanyama okwenziwa iningi lamaNdiya ezindaweni ezahlukene, kodwa okuhamba phambili isezindaweni zokusebenza. Okufike kushiye imibuzo ukuthi kubukeka sengathi abaholi bethu abafuni kukhulunywe, kuphunyelwe obala ngalokhu. Uma kukhona umuntu okhuluma ngale nzondo yamanye amaNdiya ayibhekise kwabamnyama, ufakwa enkantolo ngokuphazima kweso.
Sizwile kuthiwa neDA isimangalele uMalema ngale nkulumo. Akuthusi nokho okwenziwe yiDA ngoba vele umsebenzi wayo ukuvikela abelungu, amaNdiya namakhaladi.
Muva nje sizwa kuthiwa kuneNdiya elibize umuntu omnyama ngegama eliqala ngo-K ebhanoyini lakwaKulula.
Mina anginandaba nomlungu onobandlululo ngoba vele bafundiswa ngokuthi umuntu omnyama uyabandlululwa. Into engibangela isilungulela ubandlululo nokwedelela okugcwele kwamanye amaNdiya.
Izinhlangano ezazifana noSouth African Human Rights Commission, zithuli zithini uma kwenzeka lokhu? Yini umsebenzi wazo, uma amaNdiya eqhubeka nokudelela abantu bakithi bevele bezibhuqabhuqelwa yisimo somnotho?