Isolezwe

Badikile isikole abasola uthisha ngesibhaxu

- ZANELE MTHETHWA

SEZIQALE phansi izinkinga esikoleni samabanga aphezulu eMbumbulu esacishe savalwa ngenxa yokungazip­hathi kahle kwabafundi, asebekhala ngesibhaxu kuthishanh­loko.

Abafundi baseMbamba­ngwe Secondary abafunda u-matric badube amakilasi izolo nangoLwesi­thathu bekhala ngokuthi abasakwazi ukubekezel­ela ukushaywa nguthishan­hloko, bakhala nangokuthi uyabathuka. Njengoba abafundi abaningi bakamatric bezoqhubek­a nokufunda uma kuvalwa izikole namuhla, abaseMbamb­angwe abacele ukungadalu­lwa bathe abalubhadi esikoleni. Bathi sekukaning­i bekhononda ngokushayw­a manje sebenqume ukulusukum­ela lolu daba. Izolo bathe sebecele ukubonana nothishanh­loko bamtshele okokugcina ngezikhalo zabo.

Kuke kwavalwa amehlo ngesimo salesi sikole ngo2014 kukhalwa ngabafundi abangalawu­leki. Abanye babesolwa ngokuzihla­nganisa namaqembu ezigebengu bese beqhubeka nezimpi zabo esikoleni. Ngo-2015 kwangenele­la ikomidi iMbumbulu Education Forum ukulungisa isimo sesikole obesekuhlo­ngozwa ukuthi sivalwe.

USihlalo wekomiti inkosi Nathi Maphumulo, uthe bebengakez­wa ngezinking­a zabafundi. Uthe uyadumala uma sebeqala olunye uthuthuva phezu kwemizamo yokulungis­a isikole.

“Uma abafundi bekhala ngokuqinis­wa kwesandla nangokusha­ywa kumele baveze ubufakazi. Asihambisa­ni nokuhlukun­yezwa kwabafundi kodwa ngeke sikhulume futhi ngento engenabo ubufakazi. Kuyadumaza lokhu ngoba isimo sesikole bese sibuyela kwesijwaye­lekile nathi sesigculis­ekile. Kuningi osekushint­shile ngoba nohulumeni uthembise ukulekelel­a ukuze kunyuke nemiphumel­a ka-matric,” kusho uMaphumulo.

Uthe ungomunye wabanxenxe iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ukuthi ivakashele kulesi sikole nonyaka. UNkk Gumede ovakashile lesi sikole ngoFebhuwa­ri, wanikela ngezimpahl­a zesikole wathembisa nokuqinise­kisa ukuthi isikole senza kahle. UMaphumulo uthe konke lokhu bekuyimiza­mo yokuthi abafundi bakhuthaze­ke, isikole singabuyel­i esimeni sakudala.

Uthembise ukuthi bazoluland­ela udaba nezikhalo zabafundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa, ukuqinisek­isile ukuthi lesi ngesinye sezikole esike sahlupha ngezinking­a phambilini.

“Sizocela umbiko kwisekethe ukuze sithole ukuthi sinjani isimo esikoleni. Kudingeka sazi ukuthi yimiphi imizamo eyenziwayo ukuqinisek­isa ukuthi ukufunda akuphazami­seki, ikakhuluka­zi njengoba kuthinteka no-matric,” kusho uMlotshwa.

Mayelana nezinsolo ezibhekisw­e kuthishanh­loko uthe badinga ubufakazi ukuze baphenye.

 ??  ?? NATHI MAPHUMULO
NATHI MAPHUMULO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa