Isolezwe

IZINKONDLO

-

Wo, Ngitshele Mntanomlun­gu! Wo, ngitshele mntanomlun­gu! Ungilethel­eni lapha? Ngingen’ amadol’ angisinde, Ngicabang’ ikhanda lizule Ngibona kuhlw’ emini, Ilanga liphenduk’ inyanga. Wo, ngitshele mntanomlun­gu! Ngizongena­phi kulezi zindonga? Obabamkhul­u bathi sebefa Angolala phansi kotshani kwaGuqa, Lapho ngihuqwa yintuthu nomule, Ngidl’ izinkobe ngithambis­e ngomlaza. Wo, ngitshele mntanomlun­gu! Ngothi ngiphi bengiphi nginje? Isikhumba sami siyangiceb­a, Ulimi lwami lona luhle Noma’ abanye bethi luyangehli­se. Ngibulewe ngalo ngiding’ ukwelashwa. Wo, ngitshele mntanomlun­gu! Ngilahleke nje ngingayaph­i? Izindonga zezindlu zinde, Zishona phans’ emhlabathi­ni, Zikhoth’ amafu phezulu. AmaMboza kwaNodweng­u Akazange akubone lokhu! Wo, ngitshele mntanomlun­gu! Yini yonke len’ engiyibona­yo? Izinsika zingangoba­bamkhulu! Ngithi lapho ngizibheka Ngizw’ Amajuba kwelenyoni Ekhonyis’ okwawomalu­nda. Lapho ngibona konke lokhu, Namhla ngikholwa ngempela Ngilahleki­le, ngizogana. Isizwe sikaSobant­u Singibophe­l’ inkatha yenkangala, Sithi: “Thwala, usikhonzel­e njalo.” B.W. Vilakazi Phansi Kwezintaba ZoMdiba Eduze nomfula Ingwavuma, Phansi kwezintaba zoMdiba, Kwakwakh’ umuzi wasekuThob­eni; Inhloko yawo kunguBhekl­e, UBhekle kaBhudlu kaMpabanga. Wayenezint­ombi eziningi, Zazizinhle zonke zesabeka, Njengaz’ izimbali zasehlobo, Zisho ngezitho zaz’ onogcisha, Okungathi ngabantabe­nkosi. Noma zizinhle lezi zintombi, Kwakukhona kuzo uNozipho, Isiphofuka­zi sikaBhekle, Esho ngamazinyo anjengeqhw­a, Okungathi agezwa ngobisi. Wayesho ngezitho imibhoxo, Ezingangam­akhand’ abantwana, Nesitshako esisabekay­o Esingangen’ uhlamvu lommbila Nobuhle obungefani­swe nalutho. Nokho amabili ngawalahla, Nami ngizidela amathambo, Kwaba ngathi ngisina etsheni, Izinkulumo zonke zami Kwaba nhlanga zimuka nomoya. Izinsuku zaba ngamasonto, Amasonto aba yizinyanga, Izinyanga zaba yiminyaka, Phinde ukumthola uNozipho, Ngasale sengifa olwembiza. Kodwa nom’ ungalile Nozipho, Amazwi am’ uwashay’ indiva, Angingelib­al’ ubuhle bakho Wena kaBhekle kaMpabanga. S.G.T.L. Mzobe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa