IZINKONDLO
Wo, Ngitshele Mntanomlungu! Wo, ngitshele mntanomlungu! Ungiletheleni lapha? Ngingen’ amadol’ angisinde, Ngicabang’ ikhanda lizule Ngibona kuhlw’ emini, Ilanga liphenduk’ inyanga. Wo, ngitshele mntanomlungu! Ngizongenaphi kulezi zindonga? Obabamkhulu bathi sebefa Angolala phansi kotshani kwaGuqa, Lapho ngihuqwa yintuthu nomule, Ngidl’ izinkobe ngithambise ngomlaza. Wo, ngitshele mntanomlungu! Ngothi ngiphi bengiphi nginje? Isikhumba sami siyangiceba, Ulimi lwami lona luhle Noma’ abanye bethi luyangehlise. Ngibulewe ngalo ngiding’ ukwelashwa. Wo, ngitshele mntanomlungu! Ngilahleke nje ngingayaphi? Izindonga zezindlu zinde, Zishona phans’ emhlabathini, Zikhoth’ amafu phezulu. AmaMboza kwaNodwengu Akazange akubone lokhu! Wo, ngitshele mntanomlungu! Yini yonke len’ engiyibonayo? Izinsika zingangobabamkhulu! Ngithi lapho ngizibheka Ngizw’ Amajuba kwelenyoni Ekhonyis’ okwawomalunda. Lapho ngibona konke lokhu, Namhla ngikholwa ngempela Ngilahlekile, ngizogana. Isizwe sikaSobantu Singibophel’ inkatha yenkangala, Sithi: “Thwala, usikhonzele njalo.” B.W. Vilakazi Phansi Kwezintaba ZoMdiba Eduze nomfula Ingwavuma, Phansi kwezintaba zoMdiba, Kwakwakh’ umuzi wasekuThobeni; Inhloko yawo kunguBhekle, UBhekle kaBhudlu kaMpabanga. Wayenezintombi eziningi, Zazizinhle zonke zesabeka, Njengaz’ izimbali zasehlobo, Zisho ngezitho zaz’ onogcisha, Okungathi ngabantabenkosi. Noma zizinhle lezi zintombi, Kwakukhona kuzo uNozipho, Isiphofukazi sikaBhekle, Esho ngamazinyo anjengeqhwa, Okungathi agezwa ngobisi. Wayesho ngezitho imibhoxo, Ezingangamakhand’ abantwana, Nesitshako esisabekayo Esingangen’ uhlamvu lommbila Nobuhle obungefaniswe nalutho. Nokho amabili ngawalahla, Nami ngizidela amathambo, Kwaba ngathi ngisina etsheni, Izinkulumo zonke zami Kwaba nhlanga zimuka nomoya. Izinsuku zaba ngamasonto, Amasonto aba yizinyanga, Izinyanga zaba yiminyaka, Phinde ukumthola uNozipho, Ngasale sengifa olwembiza. Kodwa nom’ ungalile Nozipho, Amazwi am’ uwashay’ indiva, Angingelibal’ ubuhle bakho Wena kaBhekle kaMpabanga. S.G.T.L. Mzobe