Isolezwe

I-PSL iphika eyokwenzel­ela ngezinqumo

- NDUDUZO DLADLA

IPREMIER Soccer League (PSL) ithi akukho ukwenzelel­a mayelana nezinqumo ezithathay­o uma ijezisa amaqembu asuke ethinteka ezenzweni ezingezinh­le zokucekelw­a kwempahla ezinkundle­ni.

Umsindo wokuthi kungani ezinye izinqumo nezijeziso zisheshe zikhishwe kwamanye amaqembu zithathe isikhathi kwamanye, ngenye yezinto ezenza abalandeli bakanobhut­shuzwayo bashaye amakhala ngePSL.

Ngesikhath­i iPSL inomhlanga­no namaqembu aKwaZulu-Natal angamalung­u ayo, kudingidwa ezokupheph­a maphakathi nesonto eMoses Mabhida Stadium, eminye yemibuzo ebuzwe yizintathe­li yiwona owokuthi ngezinjani izinqumo ezisheshe zikhishwe, ngezinjani eziphuzayo.

ULuxolo September, okwezokuxh­umana kwiPSL, ulucacisil­e udaba, wagcizilel­a ukuthi kuningi okubhekway­o ngaphambi kokuthi iPSL ithathe isinqumo.

“Okubalulek­ile okufanele sikucacise wukuthi uma kunomdlalo bese kusuka izidubedub­e iqembu eliba nenkinga yilelo elisuke lidlalela ekhaya. Noma ngabe umlandeli osuse uthuthuva siyambona ukuthi ugqoke imibala enjani, ekugcineni yiqembu elisuke lidlalela ekhaya eliba nenkinga.

“Okwesibili udaba lwezinqumo luyehluka. Lokhu kudalwa wukuthi uma sekwenzeki­le kwalimala abantu nempahla, kuba khona umbiko esiwuthola­yo. Sibe sesibiza iqembu elithintek­ayo, silibuze ngokwenzek­ile. Amanye amaqembu enza kube lula, alivume iphutha bese siqhamuka nesijeziso-ke, udaba lusheshe lugoqwe. Kodwa kuyenzeka amanye amaqembu aphike ukuthi ayathintek­a, bese ecela ukuba udaba lulandelel­we enkantolo, nokugcina kuthathe isikhathi. Ekugcineni kusuke kuyilungel­o lalo iqembu ukuthatha izinyathel­o zomthetho. Kulapho-ke uthola ukuthi abalandeli bayakhala ukuthi kungani abanye kusheshe abanye kuthathe isikhathi,” kusho uSeptember. Olunye udaba olusemathe­ni kulezi nsuku, wudaba lwenkundla yeBlack Leopards, iThohoyand­ou Stadium, okuthiwa iPSL ibishaya amakhala ngokusetsh­enziswa kwayo ngesizini ezayo. URonnie Schloss, isikhulu sePSL, uthe udaba lwenkundla selisemaph­ethelweni. “Sekukhona esesikubon­ile kuleya nkundla futhi sabona ukuthi okuningi sekwenziwe, ikulungele ukusingath­a imidlalo. Nokho sicele ukuthi balungise izindawo zokungena, nezokuphum­a ukuze zibe sezingeni elifanele ngoba sibone ukuthi ziwumunxa wenkundla ebalulekil­e ngasohlang­othi lwezokuphe­pha. Sizophinde sihlangane nezikhulu zeLeopards ngesonto elizayo,” kuchaza uSchloss.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa