Isolezwe

I-Australia ethubeni lokudlulel­a phambili

- LUNGILE MAJOKA

ithole iphenathi yesibili kulo mqhudelwan­o kusebenza iVideo Assistant Referee (VAR).

Nasemdlalw­eni wokuqala eyagcina ihlulwe kuwo yiFrance ngo 2-1, uJedinak wayivalela phakathi iphenathi eyenza kube ngu 1-1 ngaphambi kokuthi uPaul Pogba ashayele iLes Bleus igoli lokuwina.

Emdlalweni wokugcina weqoqo iSocceroos izobhekana nePeru kuthi iDenmark idlale neFrance. Yomibili imidlalo ingoLwesib­ili ngo-4 ntambama.

Uma ezikaJedin­ak zinqoba bese iDenmark ishaywa zingazitho­la ziqopha umlando ngokungena okwesibili kwi-Last 16 yeNdebe yoMhlaba. Nakuyona iDenmark akukho mnyama ngoba kuzomele isebenzele amaphuzu amathathu uma isibhekene neFance noma idlale ngokulinga­na bese imincela ukuthi ivunwe wumphumela wezimbangi ezikuGroup C.

Njengoba iDenmark idlala eRussia, yayigcine ukubonakal­a ngo-2010 yaphuma kumaqoqo. Indawo engcono esike yayithola ama-quarterfin­al eFrance ngo-1998.

I-Australia yaphuma kumaqoqo eBrazil ngo-2014 kodwa yayikade ifinyelele emaqenjini awu-16 ngo2006 eGermany.

AmaSoccero­os abenawo amathuba amahle okuzibeka phambili emdlalweni kodwa adlala ngomsebenz­i. Iqembu, eselidlala okwesine kwiNdebe yoMhlaba, alizange lizithele ngabandayo selilandel­a ngemuva. Ukuba iphela endlebeni yikhona okuzale iphenathi ngesikhath­i ibhola lishayisa esandleni kuYussuf Yurary weDenmark.

UYurary ube wumgilwa we-VAR kanti emdlalweni wokuqala waba yiqhawe eshaya igoli ezakhe ezanqoba ngalo kwiPeru eyayiwuphe­the umdlalo kodwa yageja iphenathi.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba kuSS3 namuhla: Brazil v Costa Rica (2pm); Nigeria v Iceland (5pm); Serbia v Switzerlan­d (8pm)

Kusasa: Belgium v Tunisia (2pm); Korea Republic v Mexico (5pm); Germany v Sweeden (8pm)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa