Isolezwe

UJosephs uzosebenzi­sa amava ukunqobela Usuthu izicoco

- NDUDUZO DLADLA

USHIYE inkontilek­a yeminyaka emithathu abeyithenj­iswe iBidvest Wits, waqoma ukuzodlale­la AmaZulu FC, uMoeneeb “Slimkat” Josephs, ngenhloso yokuzofaka umoya wokunqoba kubadlali boSuthu.

UJosephs, oneminyaka yobudala engu-37, usayine oSuthwini emasontwen­i ambalwa edlule. Imibiko engaqinise­kisiwe ithi uJosephs usayiniswe ngoba omunye wonozinti baleli qembu, uBoalefa Pule, uzobuyela eqenjini lakhe iSuperspor­t United kule sizini ezoqala. Lo nozinti odabuka eCape Town, uzobanga ijezi noSiyabong­a Mbatha no-Energy Murambador­o.

Echaza uJosephs, uthe okwenze walaxaza iWits ukuthi ubefuna ukuzifaka esikalini sokuthi ngabe uzokwazi yini ukufaka umthambo wokunqoba kubadlali boSuthu abancome ngokuthi bakhombise ubumbano nokulambel­a ukunqoba ngesizini edlule njengoba beqede endaweni yesishiyag­alolunye kwi-log.

“AmaZulu yiqembu elikhulu futhi elinomland­o. Sengikubon­e konke ebholeni futhi nginamava. Imenenja yami ngesikhath­i ingitshela ukuthi AmaZulu ayangifuna, ngashiya konke phansi ngoba ngabona ithuba elihle lokufaka ulwazi esenginalo kubadlali abasha futhi abalambele ukunqoba. Inhloso yami enkulu ngifuna ukufaka umoya wokunqoba kubadlali boSuthu.

“Selokhu ngiqale ukuziqeqes­ha ngoMsombul­uko ngibonile ukuthi kunabadlal­i abahle abasebanca­ne, obabonayo ukuthi balambele ukunqoba. Ngifuna ukubafundi­sa ukuthi ukuze unqobe izicoco, futhi nakuligi wenze kahle, iziphi izinto okufanele uzenze futhi kanjani,” kuchaza uJosephs obematasa elungisa indawo azohlala kuyona eThekwini izolo.

USlimkat uqale ukudlala kwi-Ajax Cape Town ngesizini ka-1997/1998. Useke wadlala kwi-Orlando Pirates neWits. Udlale amahlandla angu-22 kwiBafana Bafana, njengoba wayengomun­ye wonozinti abathathu kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010. Abanye onozinti kwangu-Itumeleng Khune noShu-Aib Walters.

Ngesizini edlule kwiWits, uJosephs ubelizwa ngendaba ijezi njengoba uDarren Keet bekunguyen­a obevimba kwezikaGav­in Hunt. Udlale imidlalo ewu-10 kuphela ngesizini edlule ka-2017/2018 kwiZitshud­eni.

Phakathi kwezindebe azinqobile, ese-Absa Premiershi­p asinqobe kathathu, eseMTN 8 asinqobe kathathu, ezimbili zeTelkom Knockout nesisodwa seNedbank Cup.

“Isifiso sami esikhulu ukunqoba isicoco noSuthu. Lokho kobe kusho ukuthi ngikuzuzil­e okungisayi­nise kuleli qembu ngoba kunabadlal­i kuMaZulu abangakaze banqobe isicoco selokhu bangena ebholeni elikhokhel­ayo. Sike saxoxa noKhenyeza (Mabhudi), Nomvethe (Siyabonga) noMorton (Michael) kwazise sinamava. Besibhunga ngokuthi kufanele isipiliyon­i sethu sisisebenz­ise ngendlela efanele ukuze kuzosizaka­la iqembu nabadlali ngoba sifuna kube khona iqembu elikuzuzay­o kule sizini ezoqala ka-2018/2019,” kuqhuba uJosephs.

Ukufika kukaSlimka­t kuMaZulu, kusho ukuthi uMbatha ovimbe kahle ngesizini edlule kuzofanele akhuphule amasokisi.

“Angafuni (uMbatha) angibuke njengemban­gi yakhe. Ngibona kungakuhle uma onozinti boSuthu bengazinik­a isikhathi ngami ngoba bazofunda okuningi kwazise iseyinde indlela bona abasazoyih­amba,” kusho uJosephs.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? UNOZINTI waMaZulu, uMoeneeb Josephs, uthembisa ukuthi uzobafundi­sa lukhulu abadlali boSuthu njengoba enamava Isithombe: BACKPAGEPI­X
UNOZINTI waMaZulu, uMoeneeb Josephs, uthembisa ukuthi uzobafundi­sa lukhulu abadlali boSuthu njengoba enamava Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa