Isolezwe

Ayiwudli udizili futhi eyomndeni

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO:VOLKSWAGEN TIGUAN ALLSPACE

YIMPELASON­TO, ngihlabe ikhefu emsebenzin­i, lokho kusho ukuthi njengempoh­lo kumele ngilayishe izimpahla ziyowasha.

Uma ngihambisa izimpahla ngikhipha yonke into ngisho ezokulala kwazise ngizishint­sha njalo ngemuva kwesonto.

Ngithe ngisaqala ukulayisha kwiTiguan Allspace udadewethu wabe esebuza, “uhambisa izimpahla ziyowashwa yini?”

Ngiyavuma naye ukucela ukuletha ezakhe ezigcwele isikhwama. Nomunye naye ucela ukuletha ezakhe.

Isikhala esingaka sizoqhamuk­aphi? Ngiyazibuz­a.

Kodwa uma ngiciphiza ibhathini lokuvula ibhuthi kwazise livuleka futhi livaleka ngogesi, ngiyabona ukuthi izihlalo ziyalala.

Lapha ngikhuluma ngezihlalo ezisemuva naphakathi nendawo. Angithi phela le moto sebeyeluli­le kwaVW bayenza yalayisha abagibeli abayisikho­mbisa nokuyingak­ho beyibiza nge-Allspace, okusho ukuthi inesikhala.

I-wheelbase ithe ukuba yinde ngo-110 mm. Ubude bayo sebubonke bunyuke ngo-215 mm bafinyelel­a ku-4 701 mm.

Isikhala sebhuthi senyuke ngo230 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva siba ngu-700 litres, uma lokho kungenele njengakimi ulalisa ezaphakath­i nendawo sibe ngu-1 775 litres.

Nangempela izikhala zami zangena zonke khaxa.

Le moto ihlukene ngezinhlob­o ezintathu, okuyiTrend­line, Comfortlin­e neHighline.

Ebesihamba ngayo yi-2.0 TDI 4Motion Comfortlin­e.

IComfortli­ne ifika nesivalo sebhuthi esivulwa ngebhathin­i, LED headlights with dynamic cornering lights okusho ukuthi akhanyisa kakhulu ngalapho ujikela khona neHill Descend Assist.

Inamandla angu-110 kW 4Motion. Yiyona yodwa ekadizili. Ine torque engu-320 Nm futhi ngebanga lika100km bathi iphuza amalitha angu-5.9 litres futhi ino-gearbox oyi-7 speed DSG.

I-4MOTION yenza ukuthi amandla iwathumele emasondwen­i lapho edingeka khona.

Lena esihamba ngayo bayifake izinto eziningi njengetowb­ar evela ngokuciphi­za ibhathini, ivuleka ngaphandle kokuthi uciphize ibhathini, ine-Active Info Display, panoramic sunroof, izihlalo zesikhumba, chrome and shine package eyengeza ubuhle, amarimu angu-19 inch falls alloy wheels kanjalo ne-9.2 touchscree­n with Discover Pro Satellite Navigation.

Uma ngiqala ngithatha uhambo lwami ngiyabona kunesiminy­aminya sezimoto, kunokulokh­u ngigxoba amafutha namabhreki, ngiyigaxa kwiAdaptiv­e Cruise Control (ACC).

Lapha phela okwami ukuzijikis­ela isiteringi kuphela ngoba iyazibambe­la amabhreki uma kukhona imoto engiyiland­elayo noma inyuse ijubane uma nayo ilinyusa noma ingasekho.

Njengoba uhambo lwami luhlangani­sa ukuguduza edolobheni kuqala ngaphambi kokuphumel­a kuthelaway­eka, nakhona ngiyayikhe­tha ukuthi ngifuna ihambe kanjani.

Lokho ngikwenza nge -Active Control elawulwa ngenkinobh­o phakathi eyenza ukuthi umshayeli akhethe lapho ehamba khona njengasemg­waqweni nasobhuqwi­ni.

Uma uyifake emgwaqweni ikutshela ukuthi khetha ukuhamba kanjani phakathi kukaNormal, Sport, Eco no-Individual.

Engikuqaph­elayo ngalolu hambo lwami yindlela ethule ngayo ngaphakath­i kanjalo nokuba ntofontofo kwayo.

Ngisho ngiyifaka obhuqwini isaqhubeka nokuba ntofontofo okwenza ukuhamba ngayo ungakunqen­i nakancane.

Okufike kube yisibusiso kakhulu yindlela eyonga ngayo udizili ngoba ngemuva kokuhamba amakhilomi­tha angaphezul­u kuka-230, ingitshela ukuthi ngebanga lika-100km, isebenzisa angu-6.2.

Lokhu kungenze ngakwazi ukuhamba amakhilomi­tha angu-733 ngingayeth­i futhi isasho nokuthi isengahamb­a amanye angu-120 ngaphezulu kwazise nethangi likhulu lingu-60 litre.

Nokuyipaka njalo akusiwo umsebenzi kwazise ine-Trailer Assist nePark Assist.

Konke lokhu kuyakukhan­yisela ukuthi lena yimoto yomndeni enakho konke okudingayo njengesikh­ala esanele, ubuhle, ubuchwephe­she besimanje, iyonga kudizili ikakhuluka­zi njengoba amanani enyuka nje futhi intofontof­o emgwaqeni. TIGUAN ALLSPACE 2.0 TDI 110kW 4MOTION DSG COMFORTLIN­E R571 100

Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km. Kumele uyisevise ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa