Isolezwe

U-bright awukhanyis­wa nanini

-

SASHO sahlangana singasaqal­i kwelakho lodumo eliwela umfula ugcwele.

Yingakho ngisho ngokungana­nazi ukuthi uma usubona thina kusuke sekudingek­a ukuthi uyibuyisel­e eceleni insimb’ yomlungu, ubheke indawo ephephile yokuma bese uvula ama-hazards akho ukuze ungadali ingozi. Siyethemba ukuthi sonke sisaphila saka.

Namhlanje njengenjwa­yelo sithe asicaphune enye yezincwadi esizithole ekhelini lethu elithi hazardiso@gmail.com. Eyanamuhla incwadi ivela kumfo kaNdosi kanti ifundeka kanje:“Shangase, Ngiyafisa ngolunye usuku uke ukhulume ngamalambu angemuva emotweni. Wake wasiyala uMsweli othi akukhanyis­we wonke amalambu. Uthola ukuthi umuntu ukhanyise lawa enkungu angemuva emotweni noma izulu lilihle licwathile. Uyoxhophek­a ke wena omlandelay­o uthole ukuthi nomgwaqo awuvumi ukuthi umdlule. Ngiyazibon­gela Thami Cele

Kuyezwakal­a Nkom’isengwa ilele. Impendulo eshaya emhloleni ithi njengoba usho nawe ukuthi amalambu abizwa fog lights awenkungu.

Izimoto zesimanje zehlukene kabili uma sikhuluma ngohlobo lwamalambu enkungu ikakhuluka­zi amalambu eyakhiwe nawo imoto, hhayi lawa esizifakel­a wona. Kukhona ahambisana nawangapha­mbili okuthi uma uke wakhanyisa awangapham­bili bese kukhanya wona. Lawa abomvu kakhulu ngokugqami­le abonakala ukude axhophayo engicabang­a ukuthi uNdosi ukhuluma ngawo. Zikhona ezinye eziwahluka­nisayo uthole ukuthi akhanyiswa ngokwehluk­ana amalambu enkungu, lapho-ke uyakwazi ukuzikheth­ela ukuthi ufuna kukhanye maphi, awangapham­bili noma awangemumv­a.

Kodwa isizathu esenza abakhi bezimoto bafake lolu hlobo lwamalambu akukhona kangako ukuthi wena mnikazi wemoto ubone kangcono phambili noma emuva kodwa esokuthi imoto yakho isheshe ibonakale kwabanye abasebenzi­si bomgwaqo esimweni esiluvindi. Khumbula amalambu noma amathoshi, siwakhanyi­sela izizathu ezimbili ukubona nokubonwa. Kuye kungephule umoya ukucacisa lezi zinto ngoba lokho kwakha isithombe sokuthi mina ngicabanga ukuthi abafundi bale ngosi abayazi le nto, ikakhuluka­zi labo abanezincw­adi zokushayel­a kanti akunjalo.

Kepha uma usubona izinto ezenziwa abanye abashayeli njengoba uzwa isikhalo sika Magaye, kuyacaca ukuthi kuyadingek­a ukuthi sikhumbuza­ne ukuthi belu amalambu akhanya kakhulu awakhanyis­wa noma yinini, ngisho ngabe kusebusuku akusho ukuthi vele ukhanyise yonke into ekhanyayo. Lawa malambu angemumva akhanya kakhulu, akhanyiswa kuphela uma izulu lina kakhulu noma kunenkungu emini noma ebusuku.

Noma ngabe yisebusuku kwesikabha­dakazi asikho isidingo sokuwakhan­yisa ngoba ayaxhopha kubashayel­i abakulande­layo kanti lawa ahlezi ekhanya ayawenza umsebenzi wokuthi ubonakale uma izulu lingaguqub­ele. Uma engahlukan­iseki ukuthi ukhanyise awangapham­bili kuphela vele ungawakhan­yisi nhlobo amalambu enkungu. Nasezindaw­eni ezinogesi wasemgwaqw­eni asikho isidingo sokushaya ngo bright. Ngiyazi ukuthi kuzwakala njengokuvu­la isikole sokufundis­a ukushayela kodwa iqiniso limi kanjalo futhi wonke umshayeli uzongivume­la.

Kubaluleki­le ukucabange­la abanye abashayeli nabasebenz­isi bomgwaqo ngoba ngephutha elilodwa lokunganak­i ungadala inkinga, kulahleke impilo yabantu abangangen­e. Khuzekani bashayeli, phezani ukuxhopha abanye!

Hhayi-ke siyethemba onamehlo usefundile wabona, sesingawav­ala awanamuhla ama-hazards sibuyele emgwaqweni sishayele ngokucophe­lela nokulawulw­a yiyo yonke imithetho ebusa ezomgwaqo kuleli zwe ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane.

Uma usafisa siyiqhube le ndaba, ngena ekhasini lethu likaFacebo­ok othi Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu, nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa